UKHALE ngokuthi uzizwa engaphephile owesifazane osolwa ngokubulala umyeni wakhe, wabe esekhetha ukusihoxisa okwesikhashana isicelo sakhe sebheyili.
UNkk Nongcebo Faith Ntombela (uMaNkosi) usolwa ngokwakha itulo lokubulala umyeni wakhe owayeyiphoyisa loMkhandlu weTheku, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela.
UNtombela wabulawa ngoMeyi, ngesikhathi evala isango emzini wakhe okwa-S, eMlaza, eningizimu yeTheku.
Izolo, eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, bekulindeleke ukuthi umsolwa aqhubeke nokwenza isicelo sakhe sebheyili.
Kodwa icala alihlalanga isikhathi eside njengoba ummeli kamsolwa, u-Ashwin Rughbeer, evele wasukuma watshela iJaji uThulani Mbuyazi ukuthi umsolwa ucela ukusimisa kancane isicelo sakhe sebheyili.
"Okwamanje umuntu engimmele ucela ukuthi kume kancane ngokufaka isicelo sebheyili. Kunezizathu ezithile zalokho. Esinye sezizathu wukuthi okwamanje uzizwa engaphephile,'' usho kanjena.
Ijaji libuze umsolwa ukuthi kuyiqiniso yini lokho? Umsolwa uvumile waze wanqekuzisa ikhanda.
Ijaji lithe kuzobuyelwa kule nkantolo ngo-Okthoba 9, nonyaka. Lithe kukhona nobunye ubufakazi obusaqoqwa obuthinta leli cala.
Umshushisi, uKhulekani Mzotho, uthe kusazokwenziwa uphenyo olujulile mayelana nesibhamu okuyisona esasetshenziswa ukubulala umufi.
Ngaphandle kwenkantolo bekukhona amalungu omndeni kamufi, izihlobo nabangani ebebecula bengaqedi.
UMnuz Nkosinathi Ntombela ongumfowabo kamufi, uthe abakufunayo wukubona ubulungiswa benzeka.
Uthe kabafuni nhlobo ukuthi umsolwa ayithole ibheyili. Udalule ukuthi kuningi osekubacasula manje ngomsolwa.
"Ngikhuluma nawe nje, laphaya endlini kamfowethu kukhala ibhungezi, yonke impahla uyithathile. Asazi ukuthi uyinikezwe ngubani ngoba phela loya ngumuzi kamfowethu nezinto eziphakathi zathengwa nguyena,'' usho kanjena.
Amalungu omndeni kamsolwa abephume ngobuningi enqabile ukukhuluma neSolezwe athi akukho angakhuluma nalo.
UMnuz S’thenjwa Nyawose owayeyikhansela, uthe uze enkantolo ukuzokweseka umndeni wakwaNtombela.
Uthe kumele babhekane nengalo yomthetho bonke abantu besifazane ababulala abayeni babo.
Nayizolo umsolwa ubebonakala ekhululekile, efake izibuko zakhe nengubo yakhe emnyama.
Kulokhu akazange abonakale emamatheka njengoba ebenza ngesonto eledlule.