A WUKWAZI ukuthi uma ubala abasakazi abahamba phambili ukhohlwe yigama likaLinda “Mr Magic” Sibiya. Lokhu kufakazelwa yimpumelelo yakhe selokhu angena emsakazweni uKhozi FM eminyakeni engu-16 eyedlule.
Lo msakazi usanda kuhlabana ngendondo yokuba ngumsakazi ohamba phambili ekuseni kumaMTN Radio Awards alo nyaka. U-Mr Magic oshayela uhlelo i Vuka Mzansi kusukela ngo-6 ekuseni kuya ku-9 uthi abalandeli bakhe abakhululeke bagcwale ubhavu njengoba esazohlala emsakazweni kwazise yena wazalwa ephethe umbhobho, inqobo nje uma abaphathi bakhe besajabule ngaye.
Lo msakazi ozithobile uma ukhuluma naye ubuso nobuso uthembisa injabulo yodwa kwiMagic Tour athi noma kanjani iyaqala ngoJulayi 27 kuze kube u-Agasti 24 njengoba kunezinhlelo zokuthi idlulele naseGoli. USIHLE “Ngeney’ntwen” MKHIZE umfake le mibuzo.
Awusitshele ngokuphumelela kwakho kumaMTN Radio Awards?
Ama-awards akhombisa ukuthi umsebenzi ngiyawenza. Ngicabanga ukuthi uZandile Tembe obenguphrojusa (osengumphathi wezinhlelo oKhozini) usebenze kakhulu behlangene noMandla Magwaza obeyiTechnical Producer. Manje senginoSma noMdlalose nakhona futhi sizosebenza kakhulu. Ngibonga abalaleli ngokungeseka.
Uthini ngodaba lwaseMangaung ekukhethweni kobuholi be-ANC?
Ngithi uZuma akanikwe ithuba lesibili, ngikusho lokhu njengomumntu ohlala eNingizimu Afrika hhayi njengomsakazi. Akungaliwa akungakhonjwana, abantu abahloniphe ukuthi umlando usukaphi. Kodwa uma kungena uMengameli omusha siyomamukela.
Njengoba i-Orlando Pirates ithathe isicoco seligi wena ububheke liphi iqembu lebhola kule sizini?
Mina ngiyiKhosi impilo yami yonke. Engingakusho wukuthi ngiyaliseka iBhakabhaka okungasho nokho ukuthi ngiyayiyeka iChiefs. Kube kubi ukuthi iMoroka Swallows igcine ingawinanga.
Njengoba sekukuningi okubikiwe ngawe noPastor Zondo ngempela kwenzekani phakathi kwenu?
UZondo ungumfowethu. Uphiwe loya muntu ngiwuLinda ngiyasihlonipha isiphiwo sakhe. Akekho umuntu ongathatha indawo yakhe njengoba futhi engekho umuntu ongathatha indawo yami. Angixabene noZondo futhi angisoze. Kuhle ukuthi Isolezwe liyakwazi ukuhlala nami lingibuze. UZondo ubengaqashiwe wuKhozi ubephonsa itshe esivivaneni njengabanye. Uma iziphathimandla zingeke zikwazi ukusebenza naye mina angingene lapho. UZondo wazicelela yena ukuma emoyeni kuze kuphele izinsongo ayezithola. Okwamanje angikhulumi noZondo kwagcina kume kanjalo.
Amatekisi okuthiwa unawo ahambela kumuphi umzila futhi uqale nini kuleli bhizinisi?
Anginawo amatekisi, uZondo angikaze ngimfake emzileni wamatekisi, akanamatekisi uzifanela nami. Lezo zinsolo zingamanga aluhlaza.
Ake usicacisele ngezinhlelo zokuthatha unkosikazi wesibili uma zikhona.
Mina ngizalelwe esithenjini, uma sengifuna ukushada abantu bayokwazi. Ishaya eceleni le mibiko yokuthi ngizoshada.
Sesiphetha ubathembisani abalaleli abazobe beyobona uLinda kwiRoyal Show eMgungundlovu kule mpelasonto?
Umuntu ocabanga ukuthi ngelinye ilanga ufuna ukuphumelela empilweni akeze azogqugquzeleka. Ngizobe ngikhona nethimba lami lasekuseni. Asiyi ukuyokhuluma ipolitiki noma indaba yokuthi amaphepha athini kodwa siyojabula sakhane.