UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthi amaphaphu phansi ngoba akanalutho futhi uzoqhubeka nesikhundla sakhe sokwengamela lesi sifundazwe kwazise nodokotela abatholanga lutho olungahambi kahle kuyena.
Lokhu ukusho ngemuva kokusuka kwesidumo ngesikhathi ecishe equmbeka phansi ethula inkulumo yakhe yesimo sesifundazwe, enkundleni yezemidlalo eRoyal Showgrounds, eMgungundlovu izolo.
UMchunu usizwe abebeseduze kwakhe abambambile ukuze angawi phansi.
Ngesikhathi kwenzeka lokhu ubekade esekhasini lika-14, enkulumeni yakhe ebinamakhasi angu-43.
UMchunu uzizwile ukuthi akasaphilile ngaphambi kokuthi acishe awe ngoba uthe akazizwa kahle wacela uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala ukuba amqhubekele nenkulumo yakhe.
Ngesikhathi ecishe ewa, kukhale abesifazane abanye bekhuleka bethi usathane akanamandla. Abezimo eziphuthumayo bangene beshesha lapho kade ekhona, bamthatha bamphuthumisa esibhedlela eGreys khona eMgungundlovu ukuze athole usizo.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo ubambe isithangami esiphuthumayo nabezindaba lapho ebabikele khona ukuthi uMchunu usesimeni esikahle esibhedlela.
UDhlomo uthe bacabanga ukuthi yindaba yokushisa kakhulu edale ukuthi uMchunu axineke.
“Sikhuluma nani nje, manje uMacingwane usesibhedlela ufakwe izinto zokumnika amandla, uzobuya khona maduze azosijoyina lapha emcimbini,” kusho uDhlomo, ngaphambi kokuthi anqanyulwe nguMkhulumeli we-ANC esifundazweni uNkk Nomagugu Simelane-Zulu othe i-ANC izobiza isithangami lapho izochaza ngesimo sikaMchunu.
UZikalala uqhubeke nenkulumo kaMchunu isimo simuncu abantu abaningi imimoya yabo isiphansi.
Konke lokhu kwenzeke phambi kweSilo samabandla uGoodwill Zwelithini nobengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma naye obehambele lo mcimbi.
Ngemuva kokuthi uZikalala eqede ukwethula inkulumo, i-ANC ibambe isithangami nabezindaba lapho uNobhala weqembu esifundazweni uMnuz Mdumiseni Ntuli ebikele abezindaba ukuthi kade ekhuluma noMchunu ocingweni ngemuva kwesigameko wamtshela ukuthi ukahle.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi uMchunu uyalulama, usesimeni esikahle esibhedlela, uselinde odokotela ukuthi bamdedele, ngokwakhe ubengafuni ngisho ukuya esibhedlela ngoba ubezizwa esekahle,” kusho uNtuli.
UMchunu uphume esibhedlela wazokhuluma nabebehambele umcimbi etendeni lapho ebatshele ukuthi useluleme.
Uthe into emphathe kabi ukuthi lesi sigameko senzeke phambi kweSilo.
“Kodwa-ke ngiyabonga ukuthi uBayede uyakuqonda ukuthi izinto ezinjena ziyenzeka, nami isimo nje esingificile, sengibuya esibhedlela bangenza yonke into bengihlola. Odokotela abatholanga lutho. Sengiluleme anginalutho,” kusho uMchunu othe uzoqhubeka nomsebenzi wakhe kahulumeni, wengeza ngokuthi namhlanje uzobe ekhona uma sekunenkulumo-mpikiswano esiShayamthetho.