UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uyalele amadoda ukuba avale oziphu njengoba ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi u-600 000 wawo usuke wahlukumeza umuntu wesifazane.
URamaphosa ukusho lokhu ngesikhathi kugujwa usuku lwabesifazane emcimbini kahulumeni obuseNorthern Cape izolo.
“Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi u-7% wabesifazane, okuwu-1.5 million, usuke washaywa noma wadlwengulwa ngabesilisa. U-13% uveze ukuthi izithandwa zabo ziyabahlukumeza ngokomnotho kanti u-4% wamadoda, okuwu-600 000, uvumile ukuthi usuke washaya noma wahlukumeza abesifazane,” kusho uRamaphosa.
Uthe amadoda kufanele ashintshe indlela aziphethe ngayo, azibophezele ukuvikela abesifazane.
“Madoda, kufanele nivale oziphu benu. Nizibophezele ukuthi ngeke nibahlukumeze noma yingaluphi uhlobo abesifazane. Nami ngiyazibophezela ukuthi ngizoqinisekisa ukuthi umthetho wokubavikela, ukubanikeza isithunzi sabo nokubavulela amathuba omnotho uyasebenza,” kusho uRamaphosa.
Ukhale ngokuthi ubuso bobuphofu busewumuntu wesifazane omnyama yize sekukhona ushintsho oluncane abalwenzile bewuhulumeni.
Uthe abesifazane bahlakaniphile ukudlula abesilisa ngoba nasezikoleni amantombazane yiwo aphasa kahle futhi yiwona agcwele ezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Awuphele umkhuba omubi wokuholela amadoda kangcono ezinkampanini ezizimele. Abesifazane kufanele bahole umholo olingana nowamadoda ngomsebenzi ofanayo abawenzayo,” kusho uRamaphosa.
Uthe ufuna nemisebenzi kahulumeni iye ezinkampanini zabesifazane ngoba abesifazane bathenga ukudla, banakekele nemindeni yabo. Ubalule ukuthi abafani namadoda okuthi uma ethola imali athenge izimoto, ahlale ematshwaleni noma enze ezinye izinto ezingawakhi umphakathi.
Ubuye wakhumbuza abantu baseNorthern Cape ukuthi lolu suku lwasunguleka kanjani njengoba ngo-1956 abesifazane baqunga isibindi bamashela ezindlini zoMbuso ePitoli befuna inkululeko.
Uthembise ukuthi bazoqinisekisa ukuthi abesifazane babuyelwa yisithunzi, bahlala ezindlini ezisesimeni esikahle, banamanzi, ugesi nemisebenzi ebuyisa isithunzi.
Uthe akukuhle ukuthi bawubuso benhlupheko, baphila ngezibonelelo zikahulumeni.
Ubalule ukuthi bazoqinisekisa ukuthi abesifazane bathola umhlaba othi bona nasezindaweni zasemakhaya ukuze babe ngabalimi noma bazenzele izimboni ezizolekelela ukuthi banganciki kumuntu.