LUSAZOQHUBEKA nokusefa ulwandle eqenjini Umkhonto weSizwe, njengoba leli qembu liveze ukuthi lisazogawula izembe kwizithunywa ezangena ngomkhoshosho ohlwini lwabajutshwe ePhalamende.
Lokhu kuvezwe ngumkhulumeli waleli qembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela, kulandela ukuhoxiswa kwamalungu aleli qembu angu-18 ePhalamende, aphucwe ubulungu yileli qembu.
Sekuya ngokwamagama enkehli njengoba umholi waleli qembu uMnuz Jacob Zuma, ubelishumayela elokuthi basazolushintsha uhlu lwabantu abajutshwe ePhalamende.
Njalo bekuthi uma ekhankasa akuveze ukuthi kukhona abangena ngomkhoshosho kanti bazokhishwa ohlwini.
UNdhlela uthe amalungu ahoxiswe ePhalamende, awaxoshiwe eqenjini.
“Basangamalungu e-MK ngoba wonke umuntu ojutshiwe uyivolontiya. Abaxoshiwe eqenjini kodwa bahoxiswe ePhalamende. Bangu-18 abakhishwe ohlwini, abangu-12 bafungiswa bazi ukuthi bazokhishwa ohlwini. Abayisithupha abazange bafungiswe ngenxa yezizathu ezehlukene okubalwa ukugula nezinye kanti bonke bahoxisiwe. Sisazoqhubeka sibakhiphe abangene ngomkhoshosho ohlwini,” kusho uNdhlela.
Uthe ohlwini, abantu babefaka izihlobo, abangani kanjalo nomakhelwane babo.
“Besilokhu sisho ukuthi sifuna zonke izinhlaka zomphakathi zimeleleke ePhalamende. Yilokho esizoqhubeka sikwenze. Iningi labahoxisiwe alizange lifike ePhalamende ngelanga elibalulekile, okwakumele kuvotwe ngalo.”
Uthe abanye abaholi abavela ohlwini lwabantu abazojutshwa, ababevele beshilo ukuthi bazomela leli qembu ePhalamende basaya.
“Sinabaholi abafana noMnuz Brian Molefe, Siyabonga Gama, Lucky Montana nabanye. Balinde iPhalamende ukuthi libazise ukuthi bazofungiswa nini. Silandele zonke izinhlelo zangaphakathi eqenjini ukuhoxisa nokujuba amalungu amasha e-MK ePhalamende. Abahoxisiwe baziswa ngalesi sinqumo.”
Uveze ukuthi kunozinzo eqenjini, akukho ukuntenga kobuholi.
“Vele uma usaphemba iqembu kuba nezinkinga kodwa ayikho inhlekelele eqenjini. Uzinzo lukhona kwi-MK njengoba ubuholi obukhona ngobesikhashana.”
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uvumile ukuthi uSomlomo wePhalamende, wayithola incwadi evela kwi-MK, yokuhoxisa amalungu ePhalamende.
Uthe ngokoMthethosisekelo, ilungu lePhalamende lihoxiswa uma iqembu elilimele lihoxisa ubulungu lalelo lungu.
“USomlomo umatasa ubhekisisa izincwadi azitholile ukuze athathe isinqumo ngazo. Isinqumo uzosimemezela maduzane,” kusho uMothapo.
Leli qembu lisanda kuhoxisa esikhundleni obengunobhala jikelele walo, uMnuz Arthur Zwane.
UZwane uhoxiswa nje wake wakhonjwa indlela ngaphambilini kwabuye kwaba nengwiji wabuya.