AMAQEMBU abambisene ne-ANC kuhulumeni waKwaZulu-Natal nokazwelonke, i-IFP neDA, awazazi noma azokweseka i-ANC noma azongenela umbango wesikhundla sobumeya kumasipala waseThekwini, uma sekukhethwa imeya entsha.
Abaholi be-IFP nabeDA eThekwini, bathe basalinde izwi eliqhamuka ebuholini obuphezulu uma bebuzwa ukuthi bazokweseka bani ngoLwesithathu.
Imeya yeTheku izoqokwa emhlanganweni womkhandlu oyisipesheli ozokuba ngoLwesithathu eNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini.
Maningi amathuba okuthi i-ANC isicoshe phansi isikhundla ngoba akukho okubambekayo okukhombisa ukuthi amaqembu aphikisayo azozama ukuyihlanganyela.
Kubhekwe ukuthi i-ANC iphakamise igama lowayenguMphathiswa wezoLimo, uMnuz Cyril Xaba.
I-ANC ayinazo izihlalo ezanele zokuthi ibuse ngokuzimela eThekwini, yasindiswa amaqembu amancane ngesikhathi amaqembu aphikisayo amakhulu iDA, EFF ne-IFP bezama ukuyiqumba phansi mhla kukhethwa imeya emva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021. Akubukeki i-IFP neDA bezoyiphonsela inselelo kulokhu.
Yize amaqembu engenaso isivumelwano sokusebenzisana komasipala, anesivumelwano sokusebenzisana kuzwelonke naKwaZulu-Natal.
Ohola i-IFP kumasipala waseThekwini, uMnuz Mdu Nkosi, uthe bebengakanqumi ukuthi bazokwenza njani emhlanganweni wakusasa.
"Njengamanje alikho iqembu elisakhulume nathi kulawa amakhulu anezihlalo esigungwini esiphezulu. Sisalinde abaholi ukuthi basitshele ukuthi kufanele senzenjani. Sizokuba nenguyazana ngaphambi komhlangano, kulapho ke esizovumelana khona ngokuthi emhlanganweni sizofika senze njani."
UNkosi uthe ukusebenzisana kwe-IFP ne-ANC esifundazweni nakuzwelonke akusho ukuthi sebezobambisana nakumasipala.
"Kodwa ngiyazi ukuthi abaholi bethu bayaxoxa ngalokhu, ngakho sizolinda bona."
Ohola iDA kumasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe bazokuba nenguyazana namhlanje.
"Asikho isinqumo esesisithathile, silinde abaholi ukuthi basibonise."
Imizamo yokuthola ukuphawula kukasihlalo we-EFF eThekwini, uMnuz Themba Mvubu, ayizange iphumelele.
I-EFF ibikade isebenzisana ne-ANC eThekwini, kodwa umshado wabo waphela kabuhlungu njengoba i-ANC yakhipha uMvubu kwesokuba usihlalo wekomiti lezokuhlaliswa kwabantu.
ITheku lisale lingenayo imeya emva kokususwa kukaMnuz Mxolisi Kaunda, osejutshwe eMkhandlwini weziFundazwe.
Imeya kwakufanele ikhethwe emhlanganweni womkhandlu owawungenyanga eyedlule kepha akwangenzeka.