SIBEKELWE izinsuku ezine isigcawu sokuquliswa kweJaji Tshifhiwa Maumela, elaphucwa amandla okulalela icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates, neBafana Bafana.
UMaumela umiswe emsebenzi ngoJuni nyankenye, esolwa ngokuthatha isikhathi eside kakhulu ukukhipha izinqumo emacaleni.
Kuhlala udaba lukaMaumela nje, kusanda kuphuma isinqumo sokuthi obenguMengameli wamaJaji eWestern Cape, iJaji John Hlophe neJaji Nkola Motala baketulwe. UHlophe ulahlwe yicala lokuzama ukucubuzela uMnuz Jacob Zuma, amagabade kwamanye amajaji.
UMotala ulahlwe yicala lokushayela ephuzile nokudala ingozi ngokuhloma imoto odongeni. Kulindeleke ukuthi udaba lukaMaumela luhlalelwe ngamajaji amathathu azolalela isikhalo, nobufakazi bese eyanquma.
UMaumela uzoquliswa wuhlaka olubizwa ngeJudicial Conduct Tribunal, olubhekele ukuziphatha kwamajaji nolunamandla okuwaqulisa uma kunezikhalo ngawo. Isikhalo safakwa nguMengameli wamaJaji eGauteng, iJaji Dunstan Mlambo.
Incwadi yokumiswa kwakhe yabe isikhishwa ngokusemthethweni nguMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, ngokwamandla akhe awanikwa wumthethosisekelo.
UMaumela wayehlalele icala lokubulawa kukaMeyiwa ngesikhathi emiswa emsebenzini kwase kuqokwa iJaji Ratha Makgoatlhleng, elibuyiswe selidla endala.
Akamiswanga yedwa uMaumela akamiswanga kodwa neJaji uNomonde Mngqibisa - Thusi lamiswa futhi belihamba isigcawu kulezi zinsuku ezedlule. Abaphethe isigcawu bathumele isitatimende bazisa abezindaba ukuthi isithangami sikaMaumela sizoqala kule nyanga.
Kuvela ukuthi isithangami sizoqala ngoMashi 18 kuya ku-20 siphinde singene ngoMashi 22. IJaji Makgoatlheng elathatha icala lokufa kukaMeyiwa yilona elisaqhubeka namanje ecelani.
Kulindeleke ukuthi icala lokufa kukaMeyiwa, libuyele eNkantolo eNkulu eTshwane ngoMsombuluko. Icala liguqiswe ngenyanga edlule emuva kokuthi izinhlangothi ezimbili, uMbuso nabameli besonge ubufakazi babo.
Icala lisesigabeni lapho kubangwa khona ukuthi izitatimende zokuvuma amacala okuthiwa zasayinwa abamangalelwa, kufanele yini zamukelwe njengobufakazi enkantolo.
Abamangalelwa bayawaphika wonke amacala ababekwe wona bathi bashawa ngamaphoyisa abavumisa icala futhi abasayinisa ngenkani izitatimende. Kulindeleke ukuthi uma libuya icala kwenziwe izethulo zokugcina bese kuhsiyela kulona ijaji ukuthi linqume.