LIZOYA kohlolwa ingqondo iphoyisa likaMasipala weTheku elibhekene necala lokubulala ngesihluku intombi yalo, nayo eyiphoyisa kuwona lo masipala.
Lokhu kuhlalukengoMsombuluko ngesikhathi umsolwa uConstable Sizwe Ngema (27) evela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Kwenzeka lokhu nje, bekulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili kodwa uMshushisi woMbuso uMnuz Calvin Govender waphakamisa ukuthi naso isicelo sebheyili, uNgema uzosifaka uma sekubuye umbiko wodokotela abazomhlola umqondo.
UNgema ubekwe amacala amabili, elokuqala elokugwaza abulale uConstable Bianca Khuzwayo (24), elesibili elokweba iselula yakhe.
Isigameko senzeka eflethini likamsolwa elisenkabeni yeTheku ngoMashi 31.
UMshushisi uGovender eqeda ukubeka ezithebeni icala, ucele ukuthi lihlehliswe ukuze umsolwa ezoyohlolwa ingqondo.
“Umbuso wenza lesi siphakamiso usisusa kobunye bobufakazi obusedokodweni laleli cala,” kusho uGovender.
Ummeli kamsolwa, u-Advocate Ravi Reddy uthe akaphikisani nesiphakamiso sombuso.
“Noma singakazi okwamanje ukuthi umphumela uzobuya uthini kodwa uma umbiko usulungile, uzolekelela,” kusho u-Adv Reddy.
Ufake isicelo sokuthi libuye emva kwamasonto amabili icala kodwa iMantshi uMnuz Scelo Zuma wale waphetha, ethi side kakhulu leso sikhathi.
“Izinsuku eziyisikhombisa kufanele ukuthi zizokwanela ukuthi ahlolwe umqondo,” kusho uZuma.
UZuma ugcine ethi alibuyele ngoMeyi 6 icala wathi umsolwa uzoqhubeka nokugcinwa esitokisini sasejele laseWestville.
Ngesikhathi evela enkantolo uNgema izolo, ubeshaye ezimnyama, elokhu ebukeka edangele, esonge izandla zakhe ngaphambili.
Umndeni kamufi ubukhona enkantolo, wala ukukhuluma nabezindaba, othe akukho ofuna ukukusho.
Isigameko sabangundabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana emva kokuthi uNgema aqopha i-video kaConst Khuzwayo ephuma umphefumulo, ummese ayemgwaze ngawo usabhajwe esifubeni.