Nomonde Zondi
Amadoda amathathu asolwa ngokubulala owayeyinkosi yakwaXimba eMkhambathini, uMnuz Zibuse Mlaba, azobuyela eNkantolo yesiFunda eCamperdown ngonyaka ozayo ukuyozwa izethulo zokwandulela kokuqulwa kwecala lawo.
UMnuz Mthobisi Tsebang Dubazana (30) waseMlaza, uMnuz Nhlanhla Lungelo Hlongwa (30) waseMasukwana noMnuz Fortune Dlamini (29) waseGeorgedale eMpumalanga, eHammarsdale, basolwa ngokudubula babulale uMlaba ngo-Okthoba 21, 2021 enxanxatheleni yezitolo, iWareing's ngaphandle kwehhovisi lakhe.
UMshushisi, u-Advocate Elvis Gcweka, ucele inkantolo ukuthi ilihlehlisele uFebhuwari ngonyaka ozayo icala ukuze kuzokwenziwa izethulo zokwendlalela ukuqulwa kwalo. Umndeni wakwaMlaba ubuphume ngobuningi bawo uzothamela icala.
UMnuz Hlongwa noMnuz Dlamini basilaxaza isicelo sebheyili ngo-Okthoba bethi bazibona bengaphephile.
UMnuz Dubazana wasifaka isicelo sebheyili ngo-Agasti kodwa iNkantolo yeMantshi yaseCamperdown yasinqaba, ithi uhlulekile ukuvezela inkantolo izizathu ezinqala ezingenza ukuthi athole ibheyili.
Ngenkathi efaka isicelo sebheyili uDubazana, umseshi wecala osebenzela uphiko lwamaphoyisa oluphenya amacala ezepolitiki, watshela inkantolo ukuthi uma uDubazana engathola ibheyili impilo yakhe ingaba sengozini ngoba abanye ababili ayehamba nabo ukuyobulala uMlaba badutshulwa babulawa ngendlela engaqondakali.
Umseshi (eligodliwe igama lakhe ukumvikela) waphinda watshela inkantolo ukuthi imoto kaDubazana emhlophe eyiPolo kwakuhanjwa ngayo ngosuku okwabulawa ngalo uMlaba.
“Le moto yabhaliswa ngegama likaDubazana ngoMeyi 2021 futhi ngelanga okwabulawa ngalo uMlaba nethimba lakhe nguyena (Dubazana) owayeyishayela,” kuchaza umseshi.
Umseshi waphinda watshela le nkantolo ukuthi omunye ubhululu kaDubazana owayekhona kuhlelwa ukuthi kubulawe uMlaba, owake waba yiphini likasihlalo we-ANC eKZN, usengufakazi woMbuso.
Uthe lo fakazi ubatshele ukuthi wayekhona ngenkathi kucekelwa phansi izibhamu ezasetshenziswa ukubulala uMlaba.
Waphinde wavezela inkantolo ukuthi uDubazana nethimba lakhe bebemlandela uMlaba owake waba ilungu leSishayamthetho esifundazweni.
Uthe amarekhodi amaselula akhomba ukuthi babemlandela uMlaba lapho ayeya khona ngaphambi kosuku lwesigameko.
Eqhuba umseshi wathi amarekhodi amaselula akhomba ukuthi uDubazana wayesendaweni yesigameko ngo-Okthoba 21 kanti namakhamera ayiqopha imoto yakhe.
“Emuva kokubulala bahamba bayobhukha indawo yokulala, ubufakazi be-register buyakufakazela lokho,” kusho umseshi.
Ngenkathi laba basolwa, uHlongwa noDlamini, benqaba ukufaka isicelo sebheyili, umshushisi woMbuso, u-Advocate Nokulunga Ngcobo, waveza ukuthi uphenyo seluphothuliwe.