KUSIZE ukufika kwamaphoyisa aseBhekithemba, eMlaza, ngesikhathi umphakathi wasesigcemeni sakwa-AA ufuna ukudla luhlaza ikhansela laku-ward 84 kuMasipala weTheku namhlanje ekuseni.
Umphakathi obuthukuthele ugane unwabu uhlasela emahhovisi kaCllr Bhekithemba Phungula asehholo lomphakathi eyofuna ngodli izijumbane zokudla. Amanye amalungu abebambe iqhaza kulo mbhikisho athe asekhathele inkohlakalo kaPhungula. "Ushushumbisa ukudla ngobumnyama, eyonikeza obhululu bakhe nezife$% zamantombazane ezimkhumulele amaphenti. Uma sifuna ukudla uyasithuka, athi asiyeke ukuzomkhamisela. Silambile njengoba kuvalwe izwe. Ukudla kukhona kodwa akafuni nakho."
Elinye ilungu lithe uPhungula ujwayele ukusebenzisa itiye. "Ngisho kunemisebenzi, uyinikeza obhululu bakhe, thina sisale simunca izithupha," kusho ilungu elinqabile negama lalo. Lomphakathi unxuse kungenelele imeya nongqongqoshe ngoba sewubekezele kwenela ekubeni uququdwa yindlala. Kulo mbhikisho bekuphume ngisho nesinedolo isaguga nezintsha yendawo. Indlela umphakathi obuthukuthele ngayo bewusuze wakhohlwa ukuzivikela egciwaneni leCorona njengoba iningi belingazigqokanga izifonyo futhi limpintshene.
Amalungu omphakathi wase-AA, eMlaza, abehlasele emahhovisi ekhansela laku-ward 84, eyofuna ngodli izijumbane zokudla Isithombe:SITHUNYELWE
Nesibalo besibukeka singaphezu kuka-50, okuyisibalo esigunyaziwe uma kuhlangene abantu. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali ukuphawula kwekhansela ngoba izingcingo bezingabanjwa futhi zicishwa. Kuhluleke ngisho selithunyelelwa nemiyalezo kodwa nayo beyingaphendulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile lesi sigameko. "Iqeqebana labantu livimbe umgwaqo lifuna ngenkani izijumbane zokudla. Umphakathi uhlakazwe ngokuthula ngamaphoyisa emuva kokwethulelwa inkulumo yikhansela," kuphetha uColonel Mbele.