SIBHUNTSHILE isigcawu sokuquliswa kweJaji Tshifhiwa Maumela elaliphethe icala lokufa kukaSenzo Meyiwa, elingeniswe esibhedlela lixinwe wukugula.
UMaumela waba yijaji lokuqala ukunikwa icala lokufa kukaMeyiwa kodwa kuthe sekuphakathi wamiswa emsebenzini kwafakwa iJaji Ratha Mokgoatlheng. UMaumela nakuba wayebike ukugula kodwa kwavela ukuthi umisiwe uzoya esigcawini.
IJaji uMaumela limangalelwe wuMengameli wamaJaji eGauteng iJaji Dunstan Mlambo, elikhala ngokuthi wehlulwa wumsebenzi, uthatha isikhathi ukukhipha izinqumo. UMlambo kade eseqalile ukwethula udaba echaza ngokumangalela uMaumela.
UMaumela bekufanele avele okwesibili esigcawini sokumshushisa izolo eGoli kodwa kwavela ukuthi ungeniswe esibhedlela engemuhle kahle.
USihlalo wesigcawu Ijaji Chris Jafta odla umhlalaphansi, ungene esexolisa ngokuthi kungaqalwa ngesikhathi wathi kukhona osekuqhamukile okuphazamisayo.
“ Siyaxolisa ngokuthi singaqali ngesikhathi ngoba bekufanele siqale ngo-9 kodwa kunodaba oluvelile oludale ukuthi singaqali ngesikhathi,’’ kusho uJafta ophose izintambo kumholi wobufakazi nakummeli kaMaumela.
Ummeli kaMaumela u-Advocate Ghandi Badela, uchaze ngodaba lwekhasimende lakhe.
“ Kunjengoba sekuchaziwe impela kunesimo esingaphezu kwamandla esiphoqa ukuthi senze ngenye indlela. IJaji uMaumela lingeniswe esibhedlela, manje besikhuleka ukuthi udaba luhlehle kuze kube uyelulama. Siphakamisa uMeyi 27 njengosuku esiyobuya ngalo ngokuvumelana nabanye ozakwethu la,’’ kusho uBadela.
IJaji uJafta lithe lolo suku olokubambisa ngoba akwaziwa ukuthi isimo sizoba njani kodwa kuyobuzwa ngalo kubonakale ukuthi kumiswa kanjani.
NgoMsombuluko okuqale ngawo isigcawu, ummangali uMlambo ubebeka izinto ngembaba engahlonizi ngokungenami kwakhe ngoMaumela. UMlambo uthe uMaumela ugodla izinqumo isikhathi eside, uma emshayela izingcingo angamtholi futhi angabuyeli kuye.
Uthe icala lokufa kukaMeyiwa kwakungafanele lihlalelwe wuMaumela kodwa wazenzela ngokuthanda kwakhe.
“ Wayenikwe umyalelo wokuthi alisebenze icala nokuyothi uma selilungele ukungena enkantolo bese elibuyisa kodwa wavele wayongena nalo enkantolo. Kwase kuvele kwenzekile kwakunzima ukumephuca lona,’’ kusho uMlambo.