Kubhajwe ivondwe emxhakeni ephoyiseni elingaphansi kophiko lwasechwebeni, iDurban Harbour elibonakale lithenga umgqakazo liwufaka emotweni yomsebenzi.
Iphoyisa elingeke lidalulwe, libonakale kwividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana lithenga isaka lomgqakazo kumuntu thizeni.
Kuthiwa iphoyisa eligaxele lisesikhundleni sikaSayitsheni khona ophikweni olubheke ichweba. Umbutho wamaphoyisa unophiko lwamaphoyisa oluhlala echwebeni, luqaphe khona ezokuphepha.
Lo obethwebula sengathi ubekhathazwa wukubona iphoyisa lidlubhe umfaniswano ophelele ngesikhathi somsebenzi, lintanta namasaka omgqakazo.
Le vidiyo sengathi ithubeleze yaze yafika ezikhulwini zamaphoyisa, zase ziqala uphenyo zizama ukuthola ukuthi wubani leli phoyisa.
Isolezwe ngeMpelasonto lithole ukuthi kwenziwe uphenyo, kwalandelwa kabanzi kwatholakala ukuthi yiphoyisa lasechwebeni laseThekwini. Kuthiwa lizwe izikhulu zalo sezilicela ukuba lithi ukuchaza mbijana, kwacaca ukuthi amanzi angene endlini.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe uthe baphezu kwalo uphenyo futhi iphoyisa lizothathelwa izinyathelo ezinzima.
“Siyaluphenya udaba lwephoyisa elisebenzise imoto yomsebenzi ukwenza izinto zalo ngesikhathi somsebenzi. Ividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana iveza iphoyisa lithenga umgqakazo kumuntu thizeni,’’ kusho uBrigadier Mathe.
Uthe lolu daba luthathwa njengolusemqoka kakhulu, ngeke bavele baluyeke kanjalo nje kodwa balusingethe ngobukhulu ubunono.
“Siyaqonda ukuthi wudaba olunesisindo lolu futhi sifisa ukuqinisekisa umphakathi ukuthi izinsiza zawo zokusebenza, ezifana nezimoto zoMbuso zibhekana nomsebenzi wazo ofanele,’’ kusho uBrigadier Mathe.
UBrigadier Mathe akachazanga kabanzi noma limisiwe yini iphoyisa njengoba kuzoqala ukuqondiswa ubugwegwe nje.