SEMUKELWE eNkantolo yoMthethosisekelo isicelo sokudluliswa kwecala lombango wobuholi bamaNazaretha phakathi kwabaseBuhleni nabaseThembezinhle njengoba lizolalelwa ngoSepthemba nonyaka.
Ummeli wohlangothi lwaseThembezinhle, uMnuz Trevor Nkosi, uthe yize bengakanikwa usuku elizohlala ngalo leli cala kodwa uyakuqinisekisa ukuthi lizoba ngoSepthemba.
Amaphepha okudluliswa kwecala abefakwe ngoJanuwari nonyaka.
“Basanda kusazisa ukuthi icala lamukelwe eNkantolo yoMthethosisekelo. Saziswe ukuthi izodinga ukuzwa iziphakamiso zazo zombili izinhlangothi bese ithatha isinqumo esingujuqu kulona,” kusho uNkosi.
Okhulumela abaseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe okwenze icala lamukelwa eNkantolo yoMthethosisekelo wukuthi akekho kuzona zombili izinhlangothi ophikile ukuthi umholi owaqokwa ngokusemthethweni yinkosi Vela Shembe Imisebeyelanga osekungene ezicathulweni zayo inkosi Phinda Shembe Ukukhanyakwelanga njengoba (Imisebe) seyakhothama.
“Kusijabulisile ukuthi lingene eNkantolo yoMthethosisekelo khona amaNazaretha ezocaciseleka ngokusebenza komthethosisekelo webandla noProtocol 293 owasuselwa encwadini eyabhalwa wuMqaliwendlela ngayefisa kwenzeke uma engasekho.
“AbaseBuhleni bafake icala ngokuthi bafuna kubhekwe uProtocol 293 ogunyaza izingwevu zebandla ukuthi kube yizona eziqoka umholi uma kungukuthi umholi okhotheme ushiye engamqokanga umholi.
“Inkantolo ivumele lesi sicelo ukuze izwe kahle ngokusebenza komthethosisekelo webandla noProtocol 293. Ibingeke isamukele lesi sicelo inkantolo ukube bekusakhulunywa ngokuthi ngubani umholi ofanele ngoba kuyaziwa ukuthi yiMisebeyelanga eyaqokwa wuThingolwenkosazana,” kusho uMthethwa.
Uthe abaseBuhleni bafuna kusetshenziswe uProtocol 293 ekubeni inkosi uThingolwenkosazana yashiya imqokile umholi.
Lokho uthe yinto engelula ukuthi yenzeke manje futhi noProtocol 293 akulula ukuthi uqale ukusetshenziswa manje.
Nasebufakazini benkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo yakuveza ukuthi umholi wakhethwa wuThingolwenkosazana. Lokho uthe kuyashayisana nokwashiwo wuMfundisi uMbongwa Nzama owafaka amaphepha enkantolo kusaqala icala wathi umholi ukhethwe yisigungu sebandla kusetshenziswa uProtocol 293. Uveze ukuthi ukube belingekho igama elabhalwa phansi wuThingolwenkosazana, bekuzophoqa ukuthi kusetshenziswe uProtocol 293 njengoba ukuvumela ukuthi kube yizingwevu eziqoka umholi olandelayo uma osekhotheme eshiye engaqokanga muntu.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe akazimisele ngokukhuluma kakhulu ngecala njengoba lisazongena enkantolo.
“Engingakugcizelela nje wukuthi amaNazaretha ngicela afundisise uProtocol 293 ukuthi uthini ukuze baqonde kahle okwenzekayo,” kusho uMncwabe.