ASWELE amaphiko okundiza yinjabulo amalungu omphakathi waseHluhluwe angasebenzi ngesikhathi ethweswa iziqu zokuba ngonogada.
La malungu angaphezulu kuka- 42 ubuningi, abengaphansi kohlelo lwezinyanga ezintathu lomkhandlu iBig 5 Hlabisa lokuqeqesha abantu endaweni ngenhloso yokuthola imisebenzi ukuze umphakathi ukwazi ukuxosha ikati eziko.
UNksz Nokwazi Mdletshe ongomunye wabahlomulile, uthe ukuba yingxenye yohlelo kuzomvulela amathuba amahle omsebenzi wokuba ngunogada.
“ Ayikho into enzima njengokuthola umsebenzi. Angikaze ngibe nenhlanhla nhlobo yokuqasheka ngemuva kokuqeda umatric ngo- 2018 . Lolu hlelo lomkhandlu liqhamuke sengiqala ukulahlekelwa ithemba futhi bese nginokhwantalala ngenxa yokungasebenzi. Yingakho ngingazange ngicabange kaningi ngesikhathi kuvela ithuba,” kusho UNksz Mdletshe.
Uqhube wathi unethemba lokuthi isitifiketi sakhe asithole ePhepha Security Training ngemva kokuphothula isikhathi abebenikwe sona sokuthi aqeqeshwe, ukholwa ukuthi isimo sempilo sizoba ngcono kakhulu.
Lolu hlelo luhlose ukulekelela intsha ehlala ezindaweni ezingaphansi kwezindawo i5 Hlabisa engasebenzi.
Imeya yomkhandlu, uMnuz Comfort Khumalo uthe inhloso yalolu hlelo ukulekelela intsha engawuphasanga kahle uMatric nalabo abangakwazanga ukuqeda isikole.
“ Bangu- 1000 abantu abasha abafake izicelo zokuthathwa ngemuva kokuvula ithuba kulabo abebenesifiso sokuqeqeshwa. Sithuke isimanga sibona nalabo abaneziqu befaka izicelo. Yilapho esibone khona siwumkhandlu ukuthi intsha ikhungethwe inkinga enkulu endaweni,” kusho uKhumalo.