KUSHIYANA imibono ngodaba lwezitolo zabokufika emalokishini aseThekwini kulandela izigameko zokugula kwezingane ezisuke zithenge okudliwayo kuzo ezweni lonke.
Imiphakathi inemibono engafani ngokumele kwenziwe ngabanini balezi zitolo kulandela ukuthi uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ememezele ngoLwesihlanu ukuthi akungapheli izinsuku ezingu-21 zingabhalisiwe komasipala zonke iziphaza kuleli.
URamaphosa wexwayise ngokuthi izitolo okuzophela lesi sikhathi zingabhalisile, kuzofanele zivalwe.
Isishoshovu somphakathi eSolezwe ngakwaC KwaMashu, uMnuz Scelo Mamle, sithe sona ngokwaso azingavalwa izitolo zabokufika kodwa azilandele uhlelo lokubhalisa olumenyezelwe nguRamaphosa.
“Akuliswane nendaba yabo baze bayeke ukusidayisela izimpahla ezingombombayi. Miningi imibiko ivela ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa ukuthi bayazikhiqizela izimpahla abazidayisayo, kokunye uthole ukuthi nakulezi zindawo abakhiqizela kuzo kugcwele ubunuku. Uma kungaliwa nalokho, bahambe bayothenga ezindaweni ezisesimeni,” kusho uMamle.
Uthe zibuye zibe wusizo izitolo zabokufika.
“Amasuphamakethe amakhulu awabakweleteli abadla imbuya ngothi, laba bokufika bayakweletisa.
Thina esikufunayo ukuthi uma beqhubeka nokusidayisela, badayise ukudla okusezingeni elifanele,” kusho uMamle othe okunye abakunxusayo ukuthi nasemva kokubhaliswa kwabo, kulokhu kugasela abazohlola ukuthi abezitolo benza okulindelekile.
Enza isibonelo ngesigameko esisanda kwenzeka endaweni, uthe kukhona ingane (12) okuphume amaphilisi ephaketheni lama-chips ebiwathengile.
“Ezigamekweni ezikanje, abezitolo kufuneka baqonde ngqo lapho abathi bawathenga khona lama-chips bayobuza imibuzo yokuthi angene kanjani amaphilisi emkhiqizweni,” kusho uMamle.
Uthe abanye emphakathini abafune nakuyizwa eyokuthi baze baqale bazibhalise izitolo zabo kulolu hlelo olumenyezelwe.
“Badinwe yilezi zigameko ezenzekayo zokugula kwezingane nokushona kwazo. Abasafune nakuyizwa indaba yokuthi ziqhubeke zisebenze, bathi azivalwe,” kusho yena.
Omunye wesifazane onesitolo endaweni, ongowokuzalwa kuleli, uNkk Rosemary Ratau, uthe ayifakelwe izibuko indaba yezimpahla ezidayiswa ngabokufika.
“Ezitolo lapho esithenga khona thina impahla, asize singababona. Sisola ukuthi bayazenzela bona ndawana thizeni,” kusho uNkk Ratau.
Uthe nendlela abathenga ngayo izindimbane zezimpahla ishiya imibuzo ngendaba yokwedlulelwa kwazo yisikhathi.
“Ngokwesifiso sethu, ngabe zivele zivalwe ngoba bazosibangisa vele abayikhokhi intela, thina siyayikhokha,” kusho Nkk Ratau.
Uthe okunye okwenza ezabo izitolo zingakutholi ukwesekwa ngokuthengwa kakhulu kwempahla abayenzayo ukuthi bona bathenga ezindaweni ezifanele, okwenza ezabo izimpahla zibize. Kanti abokufika njengoba kunezinsolo zokuthi bayazenzela, basola ukuthi yileso isizathu esenza zidayise ngemali ephansi ezabo bese zithengwa kakhulu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwabezitolo zabokufika ayiphumelelanga. Eziningi Isolezwe elizihambele ezigcemeni ezehlukene kuleli lokishi, lithole abokufika abebedayisa kodwa bethi akuzona ezabo, ezabafowabo.
Abanye bekubuye kube nzima nokuqonda ukuthi Isolezwe lithini njengoba bebengayizwa kahle imibuzo ebibuzwa ngesiZulu nangesiNgisi.
Isolezwe lithole ukuthi kukhona izitolo zabokufika ezihlaselwe eNanda, abantu bazitapela kuzo izimpahla.
Enkulumweni kaRamaphosa kwavela ukuthi kusuka ngoSepthemba nonyaka zingu-890 izigameko ezibikiwe eziyamaniswa nokudla okunobuthi ezifundazweni ezehlukene.
Wathi izifundazwe ezithinteke kakhulu ngokulandelana kwazo yiGauteng, KwaZulu-Natal, Limpopo, Free State neMpumalanga.
Waqinisekisa ukuthi emasontweni edlule zingu-22 izingane ezishonile ezweni lonke, wabalula isigameko saseNaledi eSoweto lapho okwashona khona izingane eziyisithupha.