I-ACTIONSA izonxenxa namanye amaqembu, uma sekuvotelwa isiphakamiso sokuthi kuqanjwe uMasipala weTheku ngegama lowayenguNdunankulu kaZulu nomsunguli we-IFP ongasekho, uMntwana uMangosuthu Bhuthelezi.
Lesi siphakamiso kulindeleke ukuthi sivotewe emhlanganweni omkhulu wamakhansela kulo masipala olandelayo obekulindeleke ukuthi ubenamhlanje kodwa wahlehlisela usuku olungakaziwa, kanti umholi we-ActionSA uMnuz Zwakele Mncwango uthe ukuzinikela kwalo mholi kuliwa nohulumeni wobandlululo nokudala uxolo nokubuyisana nokwenza ngcono impilo yabantu yikhona okumenza kumfanele ukuhlonishwa ngalolu hlobo.
“Ngokuthi sithi akuqanjwe uMasipala waseThekwini ngalo mholi, sihlose ngakho ukuhlonipha umlando omuhle awushiyiye nokuqinisekisa ukuthi akwenzele izwe kuhleze kukhunjulwa futhi kugujwe nayizizukulwane ezizayo. Lesi senzo sizophinde sibeyisikhumbuzo esibalulekile sokwazisa amasiko ehlukene kuleli,” kusho uMncwango.
Uthe lesi siphakamiso bekumele sivotelwe emhlanganweni wamakhansela odlule kodwa kwahoxiswa ngaphandle kwesizathu esibambekayo.
Lesi siphakamiso se-ActionSA sivezwe yileli qembu nyakenye, emva kokuthi uMncwango ehlangane nomndeni wakwaButhelezi waveza ukuthi ungakuthokozela ukuqanjwa kukamasipala ngalo mholi. Sesekwa amakhansela e-IFP kulo masipalaa kanti kulindeleke ukuthi namanye amaqembu avotele ukuthi siphasiswe.
UButhelezi udlule emhlabeni ngoSepthemba, nyakenye, eseneminyaka engu-95.
Kulindeleke ukuthi amakhansela e-ANC emkhandlwini aphikisane nalesi siphakamiso. Phambilini, okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele ekhuluma ne-Daily News, uthe akukho okubambekayo okwenza lo masipala uqanjwe ngalo mholi ongakaze ahlale noma abeyikhansela kuwona.