KUZOTHATHA izinsuku ezinhlanu kuya kweziyisikhombisa ukuthi ukuphakelwa kwamanzi ezindaweni eziseNyakatho yeTheku kubuyele esimeni esijwayelekile.
Lokhu kushiwo iMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, izolo esithangamini nabezindaba lapho ebazisa khona izakhamuzi zakuleli dolobha ngokuqhubekayo ngezinselelo eziholela ekutheni umphakathi ohlala kulezi zindawo ungabi nawo amanzi aphuma kompompi.
Sekuphele amasonto amabili kuya kwamathathu umphakathi wakwezinye izindawo ungenawo amanzi aphuma kompompi.
UXaba uthe ipayipi elikhulu elingu-15 diametres elenza umsebenzi omkhulu ukuze umphakathi wakulezi zindawo uthole amanzi okwamanje alikasebenzi.
Uqhube wathi uMnyango wezaManzi, wazisiwe ngenkinga yolwelwesi oluluhlaza oluvale izihluzi zamanzi edamini i-Albert Falls, osekuze kwaholela ekutheni nedamu eliphakelwa isikhungo esihlanza amanzi iDurban Hieghts Water Treatment Works, ibe nenkinga yalolu lwelwesi.
Uthe njengoba kusalungiswa isimo uMasipala weTheku usukhiphe amaloli amanzi angu-228, ukuze aphakele umphakathi ohlala ezindaweni ezithintekayo ngamanzi.
Izindawo ezithintekayo kubalwa, iNewlands, Verulam, Ntuzuma, KwaMashu, Phoenix, Umhlanga nezinye.
Uthe isikhungo esiphakela amanzi uMgeni-uThukela sisebenzisa izindlela eziningi ezihlanganisa ukudonswa kwamanzi adlule edamini iNegle nelaseNanda ahlanzwe.
"Ngaphambi kokuthi kube nolwelwesi oludale ukuthi amanzi ashode kulezi zindawo umasipala ubuvele unezinselelo zawo ebezenza eminye imiphakathi ingawatholi amanzi ngendlela. Lezo zinselelo zisalungiswa," kusho uXaba.
Uthe isisombululo esiphelele balindele ukuthi silethwe idamu elakhiwayo eliseMkhomazi okulindeleke ukuthi liqale ukusebenza ngo-2032 kodwa zikhona ezinye izisombululo zesikhashana abanazo.
Uthe njengoba sekusondele isikhathi sokuzijabulisa, umasipala usiqaphile isimo sokungcola kwamabhishi, ngokuthi kulungiswe amapayipi ahambisa indle nezikhungo eziyihlanzayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi ayikapakeli olwandle.
UXaba ubuye wamemezela ukuthi kuzoba nophiko olubhekele ukufundwa kwamamitha amanzi nogesi, oluzokwenza ukuthi kube lula ukuthi kuxazululwe izinkinga ezibhekana nomphakathi, oluzoqala ukusebenza ngokuphelele ngoNovemba.
“Sifuna kulungiseke inselelo yokuthi amakhasimende agcine engazi ukuthi abhekana nobani ngezinkinga zawo ezithinta ukufundwa kwamamitha angakhonjwa ngapha nangapha.”