KUZOKWAKHIWA isigodlo esisha seSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Undunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uveze ukuthi basezingxoxweni zokuqedela amalungiselelo okwakhiwa kwesigodlo esisha.
Lokhu ukusho ngesikhathi ethula inkulumo ngesimo sesifundazwe, eMgungundlovu.
ISilo besiyingxenye yenkulumo kaNkk Dube-Ncube ebisenkundleni i-Oval Cricket Stadium.
ISilo sijwayele ukusebenzisa isigodlo kwaNkomonye, esisoNdini.
Lesi sigodlo silungiswe ngonyaka odlule.
Ngaphambi kokulungiswa kwalesi sigodlo bekunezikhalo zokuthi iSilo asihlali esigodlweni, nokwenza kube nzima kulabo abafuna ukuzosotha.
UNkk Dube-Ncube uthe isigodlo esisha sizokuba KwaNongoma.
“Kuyasikhuthaza ukubona ubudlelwano bukahulumeni neSilo buqhubeka. Njengoba besenza eSilweni esikhotheme, siyaqhubeka nokweseka iSilo esisesihlalweni.”
UNongoma uteketiswa ngeleHlalankosi njengoba unezigodlo uKhethomthandayo, kwaDlamahlahla, Khangelamankengane, Nyokeni noLinduzulu, nokuyizigodlo ebezivele zikhona ngaphambi kokuba iSilo singene esihlalweni.
ISilo siphuma esigodlweni kwaKhangelamankengane, nokuyisigodlo esakhiwa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngesikhathi egcagcelwa iNdlovukazi uShiyiwe Manftombi Dlamini-Zulu.
UNkk Dube-Ncube uthe uhulumeni waKwaZulu-Natal uyaqhubeka nokweseka indlunkulu kaZulu.
“Kule minyaka eyedlule uhulumeni ufake ucingo olusha ezigodlweni eziyisithupha. Sithenge izimoto zondlunkulu beSilo uMdlokombane, neyeNdlovukazi (uMayvis Zungu Zulu).”
UNkk Dube-Ncube uphinde wamemezela izinhlelo zokweseka amakhosi.
UNkk Dube-Ncube uthe babeke eceleni u-R10 million ozoxhasa imisebenzi eyenziwa ondlunkulu bamakhosi.
“Lesi sikhwama semisebenzi yondlunkulu sizokwethulwa ngokusemthethweni ohlelweni lwe-Invest Rural, oluzokuba ngo-Ephreli. Inhloso yalolu hlelo ukuthuthukisa umnotho, kufukulwe ingqalasizinda, kwenziwe ngcono nempilo yemiphakathi yasezindaweni zasemakhaya.”
UNkk Dube-Ncube uthe miningi imithetho asebeyishayile yokuthuthukisa amakhosi.
“Ngaphambi kuka-2004 amakhosi ayehola imali elinganiselwa ku-R5 000, izinduna zazingaholi. Le mali isinyukile, amakhosi asehola uR279 000 ngonyaka. Okusho ukuthi le mali inyuke ngo-300% kule minyaka engu-20 eyedlule.
“Ukuze kuvikeleke isithunzi samakhosi emphakathini, ngo-2005 uhulumeni wesifundazwe wethula uhlelo lokwakhela amakhosi imizi yezizwe ewafanele. Sikhuluma nje ingu-40 imizi yezizwe eyakhiwe.”
UNkk Dube-Ncube uthe bayalusukumela udaba lokusocongwa kwamakhosi.
Uthe kunamakhosi agadwayo, nosekuphinde kwaqiniswa ezokuphepha emizini yawo.
“Ukubulawa kwamakhosi kuyichilo esasingacabangi ukuthi siyoke silibone.”