UKUSHISEKELA ukuqhubeka basize intsha nosomabhizinisi abasafufusa baseThekwini namaphethelo, kwenze abenhlangano yabakhonze izithuthuthu Amabhubesi Motorcycle Club, bakhuza ibuya nomcimbi wabo ohlanganisa intsha nosomabhizinisi abasafufusa.
Lo mcimbi obizwa ngokuthi Amabhubesi Rally, okhuza ibuya okwesine kulo nyaka, noqala namhlanje, uzobe useCato Manor Stadium, eMayville kusasa, uze uvalwe ngeSonto, lapho kulindeleke ukuthi uhlanganise abantu abangaphezu kuka-2000.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uMnuz Daniel Njapha ongunobhala kuMabhubesi Motorcycle Club, uthe kulo nyaka babheke ukusiza kakhulu osomabhizinisi abasafufusa ngokubanika ithuba lokuthi bazodayisa imikhiqizo yabo emcimbini, ukuze bafukuleke.
“Sikholwa wukuthi ukuhlangana ndawonye kanjena endaweni eyodwa ezobe inabantu abaningi kungabasiza kakhulu abanamabhizinisi angakachumi ukudayisa imikhiqizo yabo, futhi basethubeni lokuhlangana nabantu abangabasiza,” usho kanje.
Eqhuba, uthe njengaminyaka yonke lizoba khona futhi ithuba lokufundisa abantu ngamathuba akhona adinga ukuthi ukwazi ukushayela isithuthuthu ukuze uwathole futhi uchume ngawo, futhi kuzobe kwenziwa nemidlalo ekhonzwe yizingane.
“Nathi sizokwenza okulingene nathi kokubuyisela emphakathini, njengoba sizohambela enye yezinhlangano ezisiza umphakathi eMayville iThembalakhe Project, esizonikela kuyona ngezinsiza ezahlukene zokuthi inikezele ngazo kubantu basendaweni abazidingayo ukuqhuba amabhizinisi,” kusho yena.
UNjapha uveze nokuthi njengaminyaka yonke, umcimbi wabo uzovalwa ngedili lomculo ngoMgqibelo kuze kube yiSonto, okuyilapho okuzobuthana khona osomabhizinisi bendawo.
Uthe edilini lomculo bagabe ngoDladla Mshunqisi, Gatsheni noZeal Dladla woKhozi FM, futhi kuzonandisa namaciko ehlukene asafufusa asendaweni. Kungenwa ngoR150 esangweni.