KUZOLIBAMBEZELA icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, ukushona kommeli u-Advocate Thulani Mngomezulu.
Lokhu kushiwo yisazi sezomthetho u-Advocate Mpumelelo Zikalala, engxoxweni neSolezwe.
UMngomezulu ongowokuzalwa eNkampani, ePiet Retief, eMpumalanga kuthiwa ushonele esibhedlela entathakusa, emva kokuphuthunyiswa esibhedlela ngoMsombuluko.
Bese kunesikhathi uMngomezulu engekho enkantolo ngenxa yokugula.
Ngesikhathi kuqala ukugula kwakhe, wayelokhu ecela ukuthi kuhlehliswe ukuqulwa kwecala ngenxa yokungazizwa kahle. Ijaji uRatha Mokgoatlheng ubeye akhombise ukunengwa yilokho.
UMngomezulu ugcine ecela ozakwabo ukuba bamumele, exinwa ukugula, engasakwazi ukuya enkantolo.
Ubeye akhale ngekhanda nangokugodola.
UZikalala uthe akubuzwa ukuthi ukushona kukaMngomezulu kuzoba nomthelela omubi ecaleni.
“Kufanele ummangalelwa wokuqala (uMuzikawukhulelwa Sibiya) athole ummeli omusha, ozongena endaweni kaMngomezulu. Lowo mmeli, nakanjani uzofuna ukunikwa isikhathi,” kusho uZikalala.
Uthe isikhathi azosicela ummeli omusha esokuthi afunde osekwenziwe enkantolo nesokuxoxa nommangalelwa.
“Maningi amathuba okuthi athi esekufundile osekwenziwe enkantolo bese ecela ukuthi kuphinde kubizwe ofakazi abathize, ukuze abahlome ngemibuzo uma kukhona lapho engagculisekile khona,” kusho uZikalala.
Uqhube wathi uma ofakazi sebephonswa imibuzo, kungenzeka basho izinto ezizodala ukuthi abanye abameli abebevele bekhona nabo bafune ukuphinde baphonse imibuzo ngokusha okuzobe sekuvela kofakazi.
Okungacishe kube ngcono ukuthi kubuye u-Adv Sipho Ramosepele, kodwa nakhona, naye usengasho ukuthi ucela ukunikwa isikhathi sokuthi abuyekeze ubufakazi obuthile obuqondene nommangalelwa obemelwe uMngomezulu.
“Angabeka iphuzu lokuthi ngesikhathi kukhona uMngomezulu, ubenake lokho obekuthinta ikhasimende lakhe, hhayi elikaMngomezulu, ngakho udinga isikhathi ukubuyekeza okuthinta lona uma sekufanele ukuthi kube wuye olimelayo,” kusho uZikalala.
Uthe lokhu yinto engeke ibalekeleke njengoba uSibiya kufanele abe naye ummeli ozomumela futhi kufanele ummeli wakhe omusha anikwe ithuba lokubuyekeza ubufakazi ukuze ummangalelwa angasho ukuthi abenzekanga ubulungiswa ekuqulweni kwecala.
Okhulumela imindeni yabamangalelwa, uNksz Sinqobile Maphisa, uthe kubuhlungu ukushona kukaMngomezulu, wathi bebenethemba lokuthi yize esamile ukuya enkantolo, uzobuya, aqhubeke nomsebenzi abewenza.
“Ubelithanda leli cala, enza konke okusemandleni ukuthi abamangalelwa bathole ubulungiswa,“ kusho uNksz Maphisa.