UPHIKO oluphenya amacala amaphoyisa i-IPID, luphenya isigameko sokufa komfana ofunda u-matric ezandleni zamaphoyisa eMthatha, e-Eastern Cape.
Imibiko evela endaweni yesigameko ithi abafundi besilisa bebehleli ndawonye emqashweni befunda bedlala nomculo ngeSonto ekuseni ngesikhathi bezwa umsindo kuqhuma nezibhamu. Laba bafundi bathi basuke kule ndawo babaleka befuna indawo yokukhosela bengazi ukuthi kwenze njani.
Babone ngokuhamba kwesikhathi sebezwa udaba oluphelele lokuthi amaphoyisa abejaha isigebengu esisolwa ngokuduna imoto.
Laba bafundi bathi babone sekuhambe isikhathi ukuthi kukhona ongekho phakathi kwabo, bathe bebuyela emuva babona omunye abebefunda naye elele ebheke phansi, kwacaca lapho ukuthi udubulekile.
Kuthiwa amaphoyisa adubule kathathu kanti kukholakala ukuthi umfundi oshonile ulimele sekudutshulwa okwesithathu.
Ilungu lenhlangano elwa nobugebengu uMthatha Crime Combat, uMnuz Shakes Mbengo, lithi babuhlungu ngokwenzekile kodwa kumele ibhekisiswe indaba yomuzi okuhlala kuwo laba bafundi.
“Kumele silubhekisise lolu daba sithole kabanzi ukuthi kwenzakaleni kulo muzi eholele emaphoyisa kuwona. Yize kunjalo sithi dudu emndenini womfana oshonile futhi siyayikhuza eyamaphoyisa athakasela ukudubula budedengu,” kusho uMbengo.