KUXWAYISWE abafundi abafuna izikhala emakolishi azimele ukuthi baqaphele lawo angombombayi azobaqola imali ebafundisa iziqu ezingabhalisiwe.
Lesi sexwayiso sikhishwe yiPhini likaNgqongqoshe eMnyangweni weMfundo ePhakeme uDkt Mimmy Gondwe.
UDkt Gondwe uthe ngalesi sikhathi la makolishi amatasa azama ukuqola abafundi nabazali abangazi lutho ngezikhungo ezingabhalisiwe.
Uthe ngaphambi kokuba abafundi babhalise ekolishi elizimele, kumele babhekisise izinto eziningi.
“Ezinye zazo ukubheka ingqalasizinda yalelo kolishi ukuthi akhona yini amakilasi okufundela, umtapo wolwazi kanjalo nezinye izinto ezizoveza ukuthi yindawo yokufundela. Kumele babheke nesitifiketi esiphanyekwa ezindongeni uma ungena emahhovisi, uma zingekho lezi zitifiketi bazibuze ukuze babone ukuthi ngempela leso sikhungo sibhalisiwe,” kusho uDkt Gondwe, ekhuluma nesiteshi sethelevishini i-eNCA izolo.
Uthe uma kukhona okusolisayo ngesikhungo, abafundi bangafonela inombolo yomnyango, ukuze bathole ngaleso sikhungo ukuthi sibhalisiwe yini nomnyango.
“Sinalo uhlu lwezikhungo ezibhalisiwe kanjalo nalezo ezingabhalisiwe. Sizokwazi ukukutshela ukuthi sibhalisiwe noma baleka kakhulu, asibhalisiwe ungaze uqoleke.”
Uthe zibalelwa ku-100 izikhungo ezingabhalisiwe kuleli.
“Siyalwa nale nkinga yokungabhaliswa kwezikhungo. Siyazibika kwabezomthetho ukuze zivalwe. Uma usibikela ngesikhungo esingabhalisiwe, siqale siphenye bese sibhalela leso sikhungo incwadi sisazisa ukuthi kumele sibhaliswe. Uma siqhubeka nokusebenza ngenkani, sibe sesivula icala, kuqale izinhlelo zokusivala,” kusho uDkt Gondwe.
Uthe abazali balahlekelwa yimali abayikhokha ezikhungweni ezingabhalisiwe.
“Abafundi balahlekelwa yisikhathi sabo befunda into engeke ibayise ndawo ngoba ngeke bathole ngisho nomsebenzi ngeziqu abebezenza ezikhungweni ezingabhalisiwe. Abantu bakithi asifuni balahlekelwe yimali abayisebenze kanzima bekhokhela into engeke ibayise ndawo ngomuso.”
Ihlale iyinkinga eyezikhungo ezingabhalisiwe nomnyango kanjalo nezinye othola ukuthi nakuba zibhalisiwe, kodwa eminye imikhakha eyenziwa kuzona ayibhalisiwe nomnyango.
UDkt Gondwe uthe abafuna ulwazi ngezikhungo ezingabhalisiwe bagashayela inombolo yomnyango ethi: 0800872222.
Bangangena nakwi-website yomnyango ethi: www.dhet.gov.za ukuze bathole ngezikhungo ezibhalisiwe kuleli.
Ubalule nokuthi bangathumela ne-email eza ngqo kuyena ngezikhalo zabo ethi: [email protected].