UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usudonse ngendlebe abafundi ababhala u-matric, abafika bezobhala bephethe omakhalekhukhwini ukuthi abavumelekile.
Lo mnyango ubayalele ukuthi bawashiye emakhaya futhi bayeke ukufika bephethe imbuzi ngoba behlose ukukopela.
Lesi sexwayiso sikhishwe ngokhulumela lo mnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, oveze ukuthi bakhathazekile ngabafundi abafika bephethe omakhalekhukhwini.
Uthe abanye bafika beqiqinge umphako ngenhloso yokukopela.
“Siyaphinde siyabaxwayisa abafundi ukuthi bayeke ukwenza lezi zinto ngoba uma bebanjwa, bangaphucwa ithuba lokubhala izivivinyo ezintathu. Ima nse impilo uma ubanjwe ukopela u-matric ngoba nemiphumela ayiphumi.” kusho uMhlanga.
Uthe kunabafundi ababanjwa eminyakeni edlule bekopela, namanje abasalinde imiphumela yabo.
Ubuye wakhuthaza abazali ukuthi benze konke okusemandleni ukulekelela izingane zabo ekubhekaneni nokhwantalala njengoba kuqhubeka ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka zika-matric.
NoNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, wanxenxa abazali ukuthi bangaqheli kubafundi ababhalayo, kodwa babeseke.
“Kungenzeka ukuthi ukubhala kudala ukhwantalala noma ezinye izinto ezibaphazamisayo njengoba kuqhubeka ukubhalwa kwezivivinyo. Abazali abasondele kakhulu kubona ngalesi sikhathi ukuqinisekisa ukuthi akukho okubaphazamisayo,” kusho uMhlanga.
Uveze nokuthi bathole nokuthi baningi abafundi ababhala lezi zivivinyo besezibhedlela.
Phakathi kwezinye izigameko, ubalule udaba lomfundi waleli banga obezithwele, okuthiwa ubelethe ekuseni kwaqondana nesikhathi sokubhala, kodwa wahlelelwa ukuthi abhale ntambama ngosuku abelethe ngalo.
Uveze ukuthi omunye ubandakanyeke engozini yemoto, wabhalela esibhedlela ngosizo lwabebemlekelela.
UMhlanga uthe abafundi ababhala besezibhedlela abaphoqwa kodwa basuke bezicelele bona futhi beqinisekisa ukuthi bakulungele ukubhala.
Ugcizelele ukuthi isabambe ngakho ngokubhalwa kwezivivinyo zaleli banga, ngaphandle nje kokuphazamiseka kwabafundi abangu-319 esifundazweni i-Eastern Cape, abangakwazanga ukubhala isifundo se-Computer Applications Technology, ngenxa yezikhukhula ezigasele kulesiya emasontweni adlule okuphoqe ukuthi ukubhalwa kwalesi sifundo kuhlehliselwe uNovemba 28.
Angu-88 kwawu-200 amaphepha asebhaliwe.
Namhlanje ukubhalwa kwalezi zivivinyo kungena esontweni lesithathu, kanti kuzoba yisonto elimatasa kakhulu kubafundi baleli banga njengoba kubhalwa izifundo ezithathwa njengezilukhuni.
Ekuseni namhlanje kubhalwa iphepha lesibili le-Mathematics, i-Mathematical Literacy ne-Technical Maths.
Kusasa kubhalwa iphepha lokuqala le-Geography, bese kuthi ngoLwesihlanu baphethe isonto ngokubhala iphepha lesibili le-Physical Sciences.