KHETHA SANGWENI
IGCINE yehlukene inhloko nesixhanti kwiSABC nomsakazi weMetro FM, uMpho Madise odume ngelikaMo G oxoshelwe ukwephula imibandela yenkontileka yakhe. Okhulumela iSABC, uNksz Ndileka Cola ukhiphe isitatimende ethi uMo G wehlukene nomsakazo emuva kokudingidwa kodaba lwakhe, walahlwa yicala. I-SABC ithe izomemezela maduze ukuthi uhlelo luzophathwa wubani.
Kwenzeka lokhu nje uMo G ubesanda kuba semsindweni ngendaba yemoto iBMW. Kuthiwa umnikazi wemoto wayinika uMo G ukuthi ahambe ngayo izinsuku ezimbili, ukuze kuxoxwe ngayo ohlelweni kodwa yena wayengasafuni ukuyibuyisa. Kuthiwa ubengasatholakali ebaleka nayo, kwaze kwaba umnikazi wayo uyomcuthela ebumnandini lapho ayeqashwe khona.
Kuthiwa nakhona lapho wagoloza ukumnika ukhiye wemoto, kwaze kwaliwa kwangenela abaqaphi. Udaba lwafika ezikhulwini zeSABC, zamthwesa icala. Uxoshwa nje ungomunye wabasakazi abathandwayo. I-SABC kulezi zinsuku ivutha ingabaselwe ngoba ibisanda kuxosha umsakazi woKhozi FM uSbu Buthelezi, esolwa ngokufaka igama lomsakazo ehlazweni.
USbu kuthiwa wayewaka abantu ethi abafake imali ebhizinisini lakhe, izokhula kodwa kwangenzeka lokho. Abantu base bemcuthela esangweni lasemsakazweni befuna imali yabo.