LIGCINE lifezekile iphupho lokuvulwa kwesikole esinobuchwepheshe besimanje kodwa esisemakhaya iMandla Mthethwa School of Excellence esiseNdumo, esifundeni uMkhanyakude, enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Umqondo wokusungula lesi sikole esiqanjwe ngesishoshovu esaboshwa iminyaka ejele iRobben Island, uMnuz Mandla Mthethwa, waqhamuka nowayenguNgqongqoshe wezeMfundo noNdunankulu wesifundazwe uMnuz Senzo Mchunu. UMchunu uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC aphinde abe yilungu lekomiti elibheka ukusebenza kwansuku zonke lale nhlangano.
Echaza ngokwamfikela kuze kube nomqondo wokuthi kube nesikole esifuze lesi, uMchunu uthe wayefuna abantu baseNdumo ukuthi bazuze inkululeko njengoba babengakaze bazuze lutho selokhu izwe lakhululeka.
Uthe inhloso kwakuwukuthi izingane zakule ndawo zithole imfundo esezingeni eliphezulu zisemakhaya.
UMchunu ubalule nokuthi wafike wakhomba indawo okwakuzokwakhiwa kuyona lesi sikole kwathi noma abadweba amapulani bechitha indawo esegqumeni ayefuna sakhiwe kuyona kodwa waqhubeka wama ekutheni ufuna sibe kule ndawo ngoba wayefuna abafundi ukuthi uma befunda babuke indawo ekude ababengafisa ukuya kuyona.
UDKT Bhekisisa Mthabela uthishanhloko waseMandla Mthethwa School of Excellence eNdumo emi egunjini lamakhompyutha Izithombe: SIBANI NGOBESE
“Abadwebi babuya bathi kuzodla enkulu imali ukwakha isikole kule ndawo ngoba iphezulu futhi iyiwa. Ngabatshela bahlengezela izinyembezi ukuthi uma behluleka ukusakha kule ndawo engangiyikhombile, ngizobashintsha ngithole abanye ababezosakha lapho ngangifuna khona.” Uthe umbono wakhe wukuthi kube nesikole esizoba sendaweni yasemakhaya esifana nezenza kahle emadolobheni okwakuzofunda wonke umuntu ikakhulu abakule ndawo okuyibo ababencishwe amathuba. “Kuyangijabulisa ukuthi sigcine sivuliwe isikole. Sasifuna ukukhuphula izinga lezemfundo ngokwakha izikole zesimanje. Noma ngingakaze ngiye kosibona kodwa abantu bakhona bayangithinta njalo bafune ukuthi ngize ngizosibona lesi sikole. Nezinye esasizakha ngisasemnyangweni noma zazingeke zifike kulesi saseNdumo kodwa zazizoba sezingeni eliphezulu zifane nalezi ezisemadolobheni ezihlinzeka ngemfundo esezingeni ekubeni zisemakhaya,” kusho uMchunu.
Uthe naseMsinga kwakunezinhlelo zokuthi kube nesikole esifuze lesi esasizofaka zonke izinto njengoba kwakuzohlanganyela yonke iminyango kahulumeni njengoba kwenzeka eNdumo kodwa akazi lolu hlelo lwaphelelaphi ngoba waxoshwa njengoNdunankulu.
Lesi sikole kumanje sinoGrade 8, ngonyaka ozayo sizoba noGrade 9 kuthi ngo-2022 sigcine sesinawo wonke amabanga kubalwa * -matric.
UDkt Bhekisisa Mthabela, uthishanhloko walesi sikole olandwe umnyango esethathe umhlalaphansi, uthe okwamanje bangu-135 abafundi bakwaGrade 8.
Othisha bangu-10, amaHead of Department (HOD) mathathu.
“Sekuvuliwe ukufakwa kwezicelo zokufunda ngonyaka ozayo kwaGrade 8. Asithathi kwaGrade 9 ngoba sihamba nabafundi abebefunda kulesi sikole. Abafundi sibasusa phansi size sifike nabo kwa-matric. Zingu-150 izikhala zakwGrade 8 ngonyaka ozayo, abeze abasafuna ukuthola izikhala ngoba ziyashesha ukuphela ngoba baningi abafuna izingane zabo zizofunda kulesi sikole.”
Lesi sikole sinamagumbi angu-40 okufundela, i-swimming pool, amahhovisi ama-HOD, igumbi lamakhompyutha, izindawo zokukhanda izimoto, isayensi lab nokunye. Sinezindlu ezingu-10, ezinhlanu ezihlala abafana nezinhlanu ezihlala amantombazane. Indlu ngayinye ihlala abafundi abangu-20.
“Kunabaqeqeshi bebhola, rugby, tennis, abokubhukuda ne-netball. Asigxilile kuphela ekufundeni kodwa nakwezemidlalo ngoba umfundi kumele kuvele ikhono lakhe bese eya lapho likhona leli khono.”
ABAFUNDI baseMandla Mthethwa School of Excellence eNdumo
Phezu kokuba kukhokhwa uR12 000 kwabahlala emakhaya noR32 000 kwabahlala ngaphakathi kodwa isikole sikleliswe saba nguQuintile 1 ngoba sisemakhaya futhi nezinga lokungasebenzi kompakathi liphezulu.
UMthabela uthe njalo ngemiSombuluko baqeqesha othisha lapho besuke beshoda khona.
Nabafundi bahlonyiswa ngemikhakha ehlukene kulandwa abantu abavela emkhakheni ehlukene ukuzokhuluma nabafundi.
“Njengoba sisemakhaya nje sifundisa isiNgisi njengolimi lokuqala kanjalo nolimi olwengeziwe. Lokhu sikwenza ngoba uma kukhona umfundi esibonayo ukuthi uzoshayeka ngoba efunde ezikoleni obekungakhulunywa kusona isiNgisi enze lolu limi njengolwengeziwe. Kodwa uma ephuma esikoleni abefunda ngaso isiNgisi engenankinga yokusikhuluma alwenze njengolimi lwasekhaya.”
UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Mthandeni Dlungwane, evula ngokusemthethweni lesi sikole muva nje, uthe esakhula wayengakaze acabange ukuthi kunesikole esisendaweni yasemakhaya esingaba nedamu lokubhukuda.
Uthe sakhiwe ngoR298 million wathi sikwelinye izinga. “Ngijabula ngokuthi kumanje lesi sikole sesiqalile siyasebenza. Ngonyaka ozayo sizoqhubeka nokwamukela izingane ezivela kuzo zonke izinkalo, yize sizobe sigxile kakhulu kule miphakathi eseduze.”
Uthe bazohlinzekwa ngokudla kwasekuseni nsuku zonke abafundi nantambama kuzoba yiso leso.
Abafuna izikhala bangathinta uMthabela ku-0849897711.