KUSUKE esinamathambo kwiTwitter uDJ wakuleli ebhoboka ngezinsolo zokushaya, aveza ukuthi kuze kube yimanje akumphethe kahle okwenzeka ngoba wayesukelwa.
UBlack Coffee ubhale kwiTwitter ukuthi ukhumbula owesifazane ayethandana naye embheca ngobende inyama engayidlanga, ethi wamshaya. "Ngelanga ngisolwa engangithandana naye ngokumhlukumeza ngokumbeka isandla, akuphindanga kwafana. Kungishiye nomzwangedwa engingakwazi ukuwukhipha enhliziyweni. Ngalahlekelwa yingxenye enkulu yempilo yami, awukho nomthetho wenkantolo ongasusa lobu buhlungu nokuhlambalazeka engihamba nakho," kubhala uBlack Coffee.
Yilapho eqale khona ukugxekwa ngabantu, bemsola ngokuthi ufuna ukubukwa ngowayengunkosikazi wakhe ngoba embone efaka izithombe eneme ngoKhisimusi. Ugcine esewususa lo mbhalo omdonsele amanzi ngomsele, wafaneka umbhalo ongezansi.
"Ngiyabonga. Ngiyayihlonipha yonke imibono yenu, noma kunjalo angizange ngibhale ukuthi ningikholwe. Bengifuna ukukhipha okusesifubeni sami futhi ngifuna yena ayeke ukungenza inxusa lemikhankaso yodlame lobulili, angilona," kusho uBlack Coffee.
Kukhona abathi lesi yisikhathi sokuthi uBlack Coffee azehlise kowayengunkosikazi wakhe, ukuze balungise isimo.
"Ngicela Black Coffee uyoxolisa kunkosikazi wakho, bese ubuyela ekhaya emndenini. Ngicabanga ukuthi manje usubhekene ngqo nokwenzekayo, ungakwazanga nokuba noKhisimusi nomndeni. Ngicela ubuyele ezinganeni nonkosikazi, engicabanga ukuthi usakuthanda," kusho uHumbi.
"Nifanelene nindawonye nina, nami ngivumelana nalaba abathi buyela kunkosikazi nezingane," kusho Nthabeleng.
"Hamba uyothola ukwelulekwa, ukuze ukhiphe konke okusesifubeni welapheke. Nobabili niyeke ukufaka le ndaba ezinkundleni zokuxhumana, ukwenzela izingane zenu," kusho uJust Me.
"Akazange aliphathe nhlobo igama lakho kodwa kukuthinta funda kwezakho....," kusho uMafuthi1.