KUHLEHLISELWE inyanga ezayo yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini ukulalelwa kwesicelo sebheyili sosolwa ngokuba yinkabi, okuthiwa uboshwe ngesonto eledlule emva kokuthi amaphoyisa ethole izibhamu ezingekho emthethweni emotweni abehamba ngayo, eMhlanga.
UMnuz Philip Maphumulo, ubevele enkantolo okwesibili. Yena nentombi yakhe, uNksz Zethu Nzama abevele nayo. Babhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, okuthe emva kokuboshwa ngesonto eledlule, izolo inkantolo yaphinde yengeza amanye amacala kuMaphumulo, elokubulala nelokuzama ukubulala, emva kophenyo lwayo.
Kuthiwa umsolwa ubhadanywe ngamaphoyisa nesibhamu esingekho emthethweni, ngesonto eledlule ehamba ngemoto yohlobo oluphambili eMhlanga. Ukuboshwa kwakhe kuholele ekutheni amaphoyisa ayopequlula lapho ehlala khona, okuyilapho efice kukhona intombi yakhe (umsolwa wesibili), kwatholakala izibhamu, yabe isiboshwa yethweswa amacala okutholakala nezibhamu.
Emva kophenyo lwamaphoyisa, umsolwa uthweswe amanye amacala, elokubulala unogada wenyanga yaseManzimtoti nelokuzama ukuyibulala esigamekweni esenzeke emasontweni ababili adlule, emgwaqweni ochezukela eMlaza. Kuleso sehlo kuthiwa umshayeli wemoto yenyanga udubuleke emlenzeni.
Kuvele ukuthi msolwa engase athweswe elinye icala lokubulawa kwelinye lamakhansela. Inkantolo inqume ukuthi kwenziwe inkombane ngesonto elizayo, okuzothi emva kwayo kutholwe ukuthi umsolwa uyathinteka yini kulona.
Engena enkantolo ebigcwele izethameli, umsolwa ubebukeka engathukile. Ezokuphepha beziqinisiwe. Ummeli wakhe (esingenalo igama lakhe) ucele ukuthi uma sekwenziwe inkombane kuqinisekiswe ukuthi umsolwa akabheceki ngecala.
“Engimumele unama-tatoo ezingalweni. Nginxusa ukuthi bonke abazobamba iqhaza kulolu hlelo inkantolo okungenani iqinisekise ukuthi bagqoke izinto ezinemikhono emide efihla izingalo,” usho kanje.
Inkantolo ilihlehlisele uFebhuwari 15-16, icala lapho bobabili abasolwa bezofaka izicelo zabo zebheyili.