SELUTHATHE elinye igxathu uqhekeko ebuholini be-ANC eThekwini okuthiwa kudalwe wukuvalelwa ngaphandle kwamakhansela ohlangothi oluthile olugaqele ukuphatha iTheku kwanika izijumbane zokudla amakhansela akulonye uhlangothi khona ezonikelela ngakho emphakathini.
Kuthiwa umsindo uqale ngesonto eledlule ngesikhathi uNobhala we-ANC Youth League eThekwini, uMnuz Thinta Cibane benoMnuz Thanduxolo Sabela onguNobhala walolu phiko esifundazweni beveza ukuthi sebelutholile uxhaso kosomabhizinisi bendawo.
Kuthiwa avalelwe ngaphandle amakhansela avela ohlangothini oluhambisana noNkk Zandile Gumede ngesikhathi sekumele kunikelwe izijumbane zokudla emphakathini kwanika ahambisana noSabela.
USabela ugaqele isikhundla sephini likabobhala ohlangothini oluholwa uMnuz Thabani Nyawose futhi unguSihlalo wekomiti lezokuHlaliswa kwaBantu kuMasipala weTheku.
Ikhansela okuxoxwe nalo lithe kuvalelwe ngaphandle ikhansela laseChesterville, uMnuz Sifiso Mngadi, oweseka uNkk Gumede ogcine engene ngenkani emahhovisi oMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi eMayville lapho bekukhishwa khona ukudla.
“Ukudla kunikwe amakhansela okucatshangwa ukuthi asohlangothini lwabo. Uma bekholwa wukuthi awubeseki njengoba benzile kumina, ibinganakwa indaba yakho.
“Ngizwe kuthiwa iningi lamakhansela abakholwa wukuthi ayabeseka anikwe izijumbana zokudla ukuze anikele ngakho emphakathini,” kusho ikhansela eleseka uNkk Gumede elingathandanga kudalulwe igama lalo ephepheni.
UMngadi ukuqinisekisile ukuthi ugcine engena ngodli ohlelweni lokukhishelwa komphakathi ukudla njengoba bekwenzelwa kwi-ward yakhe.
“Ngibatshele ukuthi bangiqhatha nomphakathi uma bekhiphela ukudla kwi-ward yami kodwa benganginiki ukuze ngikudlulisele abantu.
“Baqale babeka izaba bathi angikho ohlwini labo lamakhansela okumele anikwe ukudla kodwa ekugcineni banginika ngabe sengikudlulisela emphakathini ngalo lolo osuku,” kusho uMngadi.
Kuthiwa kwesinye isigceme umphakathi uvuke indlobane ujikela ikhansela lawo ulibuza ukuthi kungani lona lihluleke ukuwutholela ukudla. Alikwazanga ukutholakala leli khansela njengoba ucingo lwalo belivaliwe ngesikhathi sokuloba.
UCibane ukuchithile ukuthi ibichemile indlela obekukhishwa ngayo ukudla abakuthole kosomabhizinisi.
Uthe uhlu abebelusebenzisa bekhipha ukudla beluthathelwe esicelweni sabaholi bentsha, esabaholi be-ANC eThekwini nakumakhansela e-ANC.
“Luqhamuke kanjalo uhlu lwamagama obelushiwo. Ikhansela uMngadi ubengakaze eze kuthina ezocela usizo kwaze kwaba ufika lapho ebesikhipha khona ukudla. Ngikholwa wukuthi yisona sizathu ebesingenza abe nenkinga uma ngabe ikhona.
“Angikholwa ukuthi indaba yezinhlangothi iyathinteka lana, kumina kunendlela ebekuhlelwe ngayo nje kodwa egcine ilungiswe ngalolo suku,” kusho uCibane.
USabela uthe akafuni ukuphawula ngezinsolo okuhloswe ngazo ukumphazamisa ekwenzeleni umsebenzi abantu abadinga usizo.
“Asikho isidingo sokuba ngiphendule la mampunge okuhloswe ngawo ukungiphazamisa ekutheni ngisebenzele abantu abadinga usizo,” kusho uSabelo.
Okhulumela abalandeli abeseka uNkk Gumede, uMnuz Mzomuhle Dube, uthe akubanga kuhle ukuthi uphiko lwentsha luqhamuke nohlelo lwezijumbane zokudla olufana nolukamasipala ngoba bekuzogcina sekupolitikwa abantu bedinga ukudla.