ITHOLWE ishonile indodana yeMeya kuMasipala Umvoti ewumholi weqembu lezepolitiki i-Abantu Batho Congress, ebesekuphele isonto kubikwe ngokunyamalala kwayo.
UMnuz Nkosinathi Mavundla (30), oyindodana kaMnuz Philani Mavundla ongusomabhizinisi nomholi we-ABC, kuthiwa isidumbu sakhe sitholwe ngoMgqibelo.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, umndeni uveze ukuthi umufi wayegcine ukubonakala ngoJuni 1.
Esitatimendeni, umndeni uveze ukuthi wayegcine ukubonwa ekubo kwaMavundla, kanti awandanga ekutheni isidumbu sakhe sitholwe kuphi, sikusiphi isimo.
Isolezwe lithinta okhulumela umndeni, uMnuz Sandile Mavundla, uqinisekise ukutholwa kwesidumbu somfowabo kodwa waveza ukuthi okwamanje umndeni usematasa ngezinhlelo zokumfihla ngakho kuzoxhunywana nabezindaba ngalolu daba ngokuhamba kwesikhathi.
Ecashunwa ekhuluma nephephandaba eliwuzakwabo weSolezwe, i-Sunday Tribune, uyise kamufi, uMavundla uthe okwamanje umndeni usasemanzini wanxusa ukuthi kukhulunywe noSandile, oveze ukuthi ngenxa yomyalelo wamaphoyisa anxuse ukuthi ulwazi umndeni wabelane nawo, akazokwazi ukuveza ukuthi isidumbu somfowabo sitholwe kuphi.
Kuthiwa umufi ubenezingane ezimbili nengoduso yakhe, kanti umndeni uzoyidlulisa imininingwane ngohlelo lokungcwatshwa kwakhe uma seluphothuliwe.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo abethunyelelwe yona ngalolu daba.