UBEYISIBANI sabanye akhahlamezeka nabo owesilisa wasoThongathi ongumsubathi, owaqhubeka nokuyogijima iComrades Marathon waze wayiqeda yize ayelahlekelwe yikho konke ayenakho ngesishingishane.
UMnuz Phumlani Anold Ntuli nabanye abayisishiyagalolunye ngoLwesibili, banikelelwe ngamasheke kaR8 000 umuntu ngamunye yinkampani ekhiqiza izinkwa, iBB Bakeries, ukuthi bavuse amakhaya abo.
UNtuli waphikelela nokuyogijima lo mjaho okokuqala ngqa ngoJuni 8, emva kokudilikelwa yindlu yakhe ngoJuni 3.
Umnikelo bawuthole emva kokuthi omunye wabasebenzi baseBB Bakeries, owagijima noNtuli wathola ngesimo esamehlela ngaphambi komjaho.
Ekhuluma neSolezwe, uNtuli uthe wayengazi ukuthi ukuqhubeka kwakhe nokuyogijima umjaho yize sekuphika isimo kuzozala ukuthi azitholele usizo nabanye.
“Okwangenza ngaqhubeka nokuyogijima ukuthi yize ngangilahlekelwe yikho konke enganginakho kodwa ngangisaphila. Angibonanga kufanele ukuthi ngivumele inkinga eyayingehlele inginqande,” kusho uNtuli.
Uthe wayethi uma enyuka amagquma azibuze ukuthi ingabe uma esebuya, uzolalaphi ngoba indlu yayingekho.
“Ngangingazi ukuthi ukuqhubeka kwami nokugijima kuzoholela ekutheni babone ukuzimisela kwami, bese bengilethela lolu xhaso,” kusho uNtuli.
Uthe usizo lukhulu kuye nabanye ngoba iningi liziphilisa ngamatoho, bebengeke babenawo amandla okuvusa izindlu zabo.
Oyi-Regional Community Development Specialist eBB Bakeries, uMnuz Samukelo Nkosi, uthe okwenze basondela nosizo ukuthi izandla ziyagezana.
Uthe inkampani imile ngenxa yokwesekwa umphakathi othenga umkhiqizo wabo ngakho kuba wumbono omuhle ukuthi uma nabo sebebhekene nenkinga, inkampani isondele kubo nosizo.
“Emva kokuthinteka komunye wabasebenzi bethu yisimo sikazakwabo agijima naye, wasibikela siyinkampani ngesimo, sibe sesisondela nosizo. Umthetho wenkampani uthi asikwazi ukutomula umuntu oyedwa sisize yena, sigcine sesithola nabanye abayisishiyagalolunye, ukuthi banikelelwe kanye naye umfo kaNtuli,” kusho uNkosi.
Uthe udaba lokuzinikela kukaNtuli lubafikisele ngezinyembezi, becabanga ukuthi uqhubekile nokuphokophelela waqeda umjaho yize ehlelwe umshophi.