KUBUNJWE ithimba elizoxazulula izinkinga zezimvume embonini yamatekisi noMnyango wokuThutha eKZN ukugwema ukuphazamiseka komsebenzi.
Lesi kube ngesinye sezisombululo okuqhanyukwe nazo emhlanganweni obuseMusgrave eThekwini obuphakathi koMphathiswa womnyango, osomatekisi nezinye izinhlaka ezithintekayo. Umhlangano ubekhona emuva kokuthi kube nesiteleka sezinsuku ezintathu samatekisi ahamba amabanga amade, iDurban Long Distance Association, osomatekisi bekhala ngokungazitholi izimvume ebhodini lomnyango nobekuholela ekutheni uphiko lwamaphoyisa kaShanela lubophe amatekisi abo. Lesi siteleka esiqale ngoMsombuluko saphela ngoLwesithathu ntambama siphazamise abagibeli abebengakwazi ukuthatha uhambo lwabo ngoba amatekisi epakile.
UMphathiswa woMnyango uMnuz Siboniso Duma ekhuluma emuva komhlangano, uthe kuvunyelwene ngokuthi kumele kusetshenziswane. Uthe kubunjwe ithimba elizohlangana uma kunezinkinga kungaze kulindwe ukuthi kube khona umhlangano. Uvumile ukuthi uyazi ukuthi ngeke kuhlale kunokuvumelana wathi kodwa ukuba khona kwaleli thimba kuzolekelela ukuthi lisheshe lihlangane ukuze kuqhanyukwe nezisombululo. UDuma uthe umnyango uhlale uzivulile izandla.
“Ngizohlangana naleli thimba ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani. Ngicabanga ukuthi isisombululo sitholakele sizokwazi ukuqhubeka sisebenzisane,” usho kanje.
USihlalo weLong Dstance Taxi Association, uMnuz Bhekisisa Nzuza, uthe bayabonga ukuthi umhlangano ubekhona.
“Noma kukhona esingeneme ngakho kahle hle. Kunethimba eliqokiwe okuzosetshenziswana nalo. Nathi sibe sesithembisa ukuthi sizoletha konke okudingekayo ukuze indaba yezimvume ilunge,” usho kanje..
Ukuphela kwesiteleka nokuqala ukusebenza kwamatekisi izolo ekuseni kujabulise abagibeli. Abagibeli bavuke ngovivi beyogibela beya ezindaweni ezehlukene njengoba abanye bese bevele bebambezelekile ngenxa yesiteleka.
UNksz Andiswa Zungu obesuka eThekwini eya KwaNongoma, uthe:
“Kuhle ukuthi ekugcineni kube nesisombululo. Ngingumfundi ogcine esephuthwa izivivinyo zokuphela konyaka njengoba ngifunda ekolishi-nje ngenxa yokungahambi kwezimoto. Umbono wami uthi, kungakuhle uma into enje ingeke iphinde ibekhona.”
UMnuz Linda Nsele naye obesuka eThekwini eya KwaNongoma, uthe bekumele ahambe ngoLwesithathu njengoba eshonelwe umzali wakhe.
“Kuyangithokozisa noma phela sengishiywe isikhathi. Bekumele ngihambe izolo (ngoLwesithathu) njengoba ngishonelwe umama . Angikwazanga ukuhamba, kudingeke ukuthi ngilinde kuze kube yinamuhla (izolo). Bengingenalo ithemba nokho, kodwa ngiyajabula ngoba nakhu sezibuyile izimoto okukhomba ukuthi konke kuzohamba kahle.”
UMnuz Cabbira Nxumalo obesuka eThekwini eya eVryheid, uthe bese behlupheke kakhulu.
“Siyathokoza ukuthi kugcine kuvuliwe ukuthi izimoto zihambe. Abantu bese behlukumezeke kakhulu. Siyabonga ukuthi kuhlaliwe phansi yakhulunywa le ndaba,” kusho uNxumalo.
Umshayeli wetekisi esuka erenki yaseThekwini eya eMgungundlovu, uMnuz Dumisani Sithole, uthe bebengaphathekile kahle ngalesi siteleka ngoba kuhlukumezeke abagibeli nabo bashayeka.