CHARLES KHUZWAYO noVUKANI LANGA
KUSOLWA ukucishwa kukagesi njengembangela yokusha kwezingane ezintathu zakwaMyeni ngoLwesihlanu ngo-3:00 ekuseni esigodini saKwaMlambo, eMaphaya, eJozini.
Kulesi sigameko kushe kabuhlungu uMelokuhle (7) oyintombazane nabafowabo abangamawele, uKhethokuhle (6) noLethokuhle (6). Ngokusho kokhulumela abezimo eziphuthumayo kuMasipala waseJozini, uMnuz Ayanda Gumede, isigameko senzeke ngesikhathi uyise wabantwana uMnuz Menzi Myeni, esaphuthumise umkakhe uNkk Nomfundo Myeni, emtholampilo ngezithuba zabo-1 ekuseni ngenxa yokuthi unesifo senhliziyo. Uthe abazali bafike sekusha umlilo. “Ubabomncane wezingane ubelele erondweni.”
UGumede uthe kusolwa ugesi ngenxa yokuthi ubuhambile eJozini ngo-11 waze wabuya ngo-3 ekuseni. “Esingenaso isiqiniseko sayo ukuthi umlilo uvuthe uma kuqeda kubuya ugesi noma ngaphambi kokuba kubuye ugesi. Akusiyo into ecacile.”
Uthe amawele abebonakala ehilwe yintuthu kanti uMelokuhle ubeshile. Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, isiqinisekisile isigameko.
Imeya yaseJozini, uMnuz Naye Mathe, ithe iphatheke kabi ngesikhathi izwa ngesihluku ezingane ezishone ngaso. Ithe bewuMasipala waseJozini bakhalisana nomndeni nezihlobo.