UMPHAKATHI waseMbongolwane, eShowe uthukuthele uyaveva emuva kokuba ilungu lomphakathi lishayiswe yiveni yamaphoyisa maqede lashonela esibhedlela sakule ndawo.
Ngokusho komthombo ozinze kule ndawo, uMnuz Thobani Mzwandile Shandu (20), ubehamba nontanga yakhe bephuma lapho bekunomcimbi khona ngeSonto ngabo-11 ekuseni ngesikhathi kwenzeka isigameko.
Umholi we-EFF kule ndawo, uMnuz Msizi Ndawonde, uthe sibacasulile lesi sigameko kangangoba bahlela ukuba kube nemashi ezoqonda esiteshini saseMbongolwane.
"Into yalesi siteshi yinto engekho sidalo ngoba abantu bafa imini nobusuku kodwa akuboshwa muntu. Amaphoyisa adakwa ngezimoto zikahulumeni," kuphetha uNdawonde.
"Kuqhamuke imoto yamaphoyisa yamshayisa futhi yamshiya ebhuquza phansi. Kuze kwasiza ebebehamba nomufi ngoba yibo abamphuthumise esibhedlela saseMbongolwane lapho okufike kwamenela khona. Amaphoyisa aze abuya emuva kwendaba esehamba ngamaveni amane," kusho umthombo othe bewumphakathi bakhathazekile ngendlela okushone ngayo umufi.
Okhulumela amaphoyisa wakwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uvumile ukuthi likhona icala eliphenywa ngamaphoyisa asesisteshini samaphoyisa aseMbongolwane. "Kusolwa ukuthi ngoSepthemba 11, 2022 ngabo-9.50, umshayeli ubeshayela imoto yoMbuso ngesikhathi ebona ibhungu elineminyaka ewu-20 futhi elalibukeka lidakiwe, linqamula umgwaqo.
Umshayeli wazama ukumisa imoto kodwa wahluleka. Umgilwa ulimalile futhi wayiswa esibhedlela lapho eshonele khona. Amaphoyisa aseMbongolwane aphenya icala lokubulala ngokungenhloso