KUSHONE owayengungqongqoshe wokuqala wezeMfundo ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi, uSolwazi Sibusiso Bengu (90).
UBengu ushone ngoMsombuluko ebusuku.
Ngokwesitatimende somndeni, uBengu udlule emhlabeni elele emzini wakhe oseMthunzini, KwaZulu-Natal.
“Sizohlezi simkhumbula. Ubengumyeni oqotho, ewubaba, umalume, umkhulu kubazukulu. Sicela ukunikezwa ithuba lokuzilela othandiweyo wethu.”
Umndeni uthe amalungiselelo omngcwabo azobuye amenyezelwe uma esephothuliwe.
UBengu waba ungqongqoshe wezeMfundo ngo-1994, kwathi emva kokhetho lwango-1999 waqokelwa kwesokuba inxusa leNingizimu Afrika eGermany.
UBengu uke waba iPhini likaShansela eFort Hare University.