UPHUTHUNYISWE esibhedlela exinwe wukugula owesilisa obhekene namacala okuqotha abayisishiyagalolunye eMlaza, ngo-Agasti 2023.
UMnuz Sphamandla Dhlomo (25) utheswe amacala okubulala okuhleliwe oMnuz Mlungisi Zuma, Mnuz Phakamani Sibusiso Dlamini, Mnuz Maxwell Sibisi, Mnuz Regional Bongimpilo Ngema, Mnuz Thabani Ngcobo, Mnuz Mhlengi Khathi, Mnuz Ayabongwa Mbayise, Mnuz Sifundo Sibusiso Dlamini noMnuz Sifiso Cele.
Ngaphambilini enkantolo, kwavela ukuthi bonke laba ababulawa esigamekweni sango-Agasti, badutshulwa ekhanda nasentanyeni.
NgoLwesithathu eNkantolo eNkulu yaseThekwini, bekulindeleke ukuthi kuqale izethulo kodwa kuthe zisuka nje ummeli kaDhlomo, u-Advocate Masibonge Mathomane, wasukuma wacela eJajini uSaphia Steyn ukuba kujike izinhlelo ngoba ummangalelwa engaphilile.
"Bengicela ukuthi namhlanje lingaqhubeki icala ukuze engimumele ezolashwa abe ngcono,'' kuchaza ummeli.
Ngesikhathi echaza kanje ummeli, uDhlomo ubeqhaqhazela, iso lakhe langokwesobunxele livalekile nelinye nalo likhombisa ukuba bomvu. Ubengaliphethe iphepha nepeni okuyinto ebingapheli esandleni sakhe njalo uma eze enkantolo.
Akucacanga ukuthi isimo sikaDhlomo sidalwe yini ngoba ubengabukeki engumuntu oshayiwe. Ubethothobele elokhu eqhaqhazela. Isimo sakhe besehluke kakhulu entweni abehlala evela eyiyo enkantolo njengoba ebehlale eziveza njengeshinga ngokubuka abantu kabi futhi engafuni ukuthwetshulwa izithombe ngabezindaba.
UMbuso uthe: “Izethulo zanamhlanje kumele zenzeke ephilile ummangalelwa futhi akuqonde kahle konke okuqhubeka enkantolo. Ngakho-ke kuwumbono ophusile ukuthi lihlehle icala.”
Ijaji libe selihlehlisela uLwesine icala. Kuvelile ukuthi uDhlomo uzophuthunyiswa esibhedlela esingaphakathi ejele eWestville.
Ngaphambilini, uDhlomo ngomlomo wommeli wakhe, watshela inkantolo ukuthi ufakazi kuleli cala, uMnuz Phiwayinkosi Sibisi, wadubula wabulala umfowabo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSibisi wayekade eveze ukuthi umazisi kaDhlomo wawuyisa emaphoyiseni emveni kokuba ethe wawuthola eduze kwezidumbu ezintathu zababulawa bephuma e-tavern ekwa-Q, eMlaza, ngoMashi 27, nyakenye.
Kuleso sigameko kwabulawa umfowabo kaDlomo ayekade ehilizisane naye ngayizolo kade bephuza, uMnuz Sakhile Ndlovu. USakhile ungumfowabo kammangalelwa, bazalwa umama oyedwa, bahlukene ngobaba.
Abanye ababili ababulawa kuleso sigameko nguMndeni (isibongo sakhe esingatholakalanga) noDani Ndlebe.
USibisi waveza ukuthi ngoMashi 26, babephuza kanti kuzosuka uthuthuva phakathi kukaNdlovu noDlomo kubangwa ukuthi kukhona umuntu owafa lapho ababekade beye khona bobabili.
USibisi wachaza lesi sigameko sangoMashi njengomnyombo wesigameko sango-Agasti. Waveza ukuthi uDhlomo wahlasela kubo ngo-Agasti ngoba ezofuna ngodli umazisi wakhe.
Ekantolo, usizi belubhalwe ebusweni kowesifazane ohlale ephathele uDhlomo opulastiki abanezinto ezimnandi ngesikhathi kuchazwa ngokungaphili kwalo msolwa. Le ntokazi ibingene enkantolo ihefuzela ngaphambi kokuqala kwezinkulumo.