INHLANZI izoshelwa ngamanzi kwabakokotele ugesi wekhadi njengoba i-Eskom ithi ngeke lululwe uhlelo lokuvuselela izigubhu oseludume ngolweKey Revision Number (KRN)2.
Izolo isikhulu esibhekele ukusebenza kwemali e-Eskom, uMnuz Calib Cassim sitshele abezindaba ukuthi ongavuselelanga isigubhu sakhe sikagesi ngeke abe nogesi ngoNovemba 25 njengoba umnqamulajuqu wokuvuselela ungoNovemba 24.
Uthe iningi labanenkinga yilabo abakokotele ugesi.
Amazwi akhe ananelwe wuNgqongqoshe kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa odonse ngendlebe abantu ukuba bavuselele izigubhu zabo ngoba bazoba senkingeni ngesonto elizayo.
“Ngeke sikwazi ukulula usuku lomnqamulajuqu ngoba lwalubekwe yiStandard Transfer Specification Association (STSA). Ongakwazi ukuvuselela isigubhu sakhe sikagesi kusho ukuthi usenkingeni ngoba ngeke abe nawo. Sizocima isigubhu esingafakiwe iKRN. Ukuthola isigubhu esisha kuzodla imali eningi.” kusho uRamokgopa.
I-Eskom ithe isigubhu esisha sibiza uR12 000 yathi abantu kufanele basebenzise leli thuba ukuvuselela izigubhu zabo.
Abazoba senkingeni yilabo abakokotele ugesi ngoba i-Eskom izophenya ukuthi kungani isigubhu singasawamukeli ugesi wekhadi bese kuphenywa ukuthi ubelithenga yini ikhadi.
URamokgopa uthe zisahamba kahle izinhlelo zabo zokuqinisekisa ukuthi izwe linogesi owanele njengoba zingekho ezokuwucima kuleli hlobo.
Uthe ugesi ongeke ube khona ngesikhathi kusakhandwa imishini uwu-6 900MW kodwa ngeke ucime ngenxa yokuthi vele ugesi okhona mningi kakhulu.
Ubalule ukuthi bonge ngaphezu kukaR15 billion ngezindleko zikadizili njengoba bengakhanyisi ama-generator. Uphethe ngokuthi uma zihamba kahle izinhlelo zabo, udaba lokunqamuka kukagesi luzoba wumlando ngo-2027.
Ukubheka ukuthi isigubhu sibhalisiwe kufanele abantu bafake le namba: 1844 6744 0738 4377 2416. Uma le namba ingasebenzi kufanele bacindezele lezi ezilandelayo
-L&G(E460)-i057 enter
-L&G(PLC2)-i057
-Conlog-#005#
-Voltex-005 enter
-Bekezela- cindezela ibhathini elibomvu, ulibambe kuze kuvele amadothi bese ufaka u-005 enter
Uma isigubhu siveza u-2 kusho ukuthi sesibhalisiwe ngokohlelo olusha kanti uma siveza u-1 kusho ukuthi kufanele sibhaliswe.
Abantu bangabhalisa imininingwane yabo kwi-chatbox yase-Eskom ebizwa ngo-Alfred ngokungena ku-www.alfred.eskom.co.za/chatroom bese bekhetha isihloko esithi “update my details.
Bangaya nasemahhovisi ase-Eskom aseduze nabo ukuze basizakale.