BAKHULEKE phakathi enkantolo yaseThekwini abazalwane izolo, izinkabi zilahlwa yicala lokubulala usomatekisi waseLamontville.
UMxoleleni Bhani (28) noMbeko Duma (29) izolo batholwe benecala lokubulala uMnuz Vela Simon Ndebele ngoJune 2015. Kulindeleke ukuba bagwetshwe namhlanje.
UNdebele, owayengusihlalo kasoseshini waseLamontville, wabulawa esemhlanganweni ehholo lomphakathi, kubuka abantu.
Ababulali babaleka ngezinyawo kodwa babanjwa ngamaphoyisa ngosizo lomphakathi.
IJaji Kate Pillay lithe ubufakazi obulethwe enkantolo bebanele ukuthi icala libalahle.
Emuva kokuba ijaji liveze ukuthi icala liyabalahla, kuzwakale umkhuleko komama bomkhuleko abebezoseka unkosikazi kaNdebele.
Abazalwane bathe bakhulekisa uNkk Ndebele. Bathe kubajabulisile ukulahlwa yicala kwababulali.
Likhipha isinqumo ijaji lithe abathwese icala baqamba amanga enkantolo futhi bahluleka ukuchaza ukuthi kungani batholwa beseLamontville.
“Inkantolo iyakholwa wukuthi nina nambulala umufi. Ubufakazi obulethwe enkantolo bebumangalisa. Ufakazi owayemi nomufi yize engazange anibone ebusweni kodwa wazichaza ngendlela izimpahla enanizigqokile nibulala. Noma seniboshwa natholwa nifake zona izimpahla azichaza. Ngaphezu kwalokho endlini enaboshwa kuyo kwatholwa izibhamu, okwavela ukuthi yizona ezabulala umufi,” kusho iJaji Pillay.
Okunye okushiwo ijaji likhipha isinqumo lithe isizathu esashiwo ababulali, ukuthi babedlula eLamontville beya ehostela eWema ukuyolanda imali, asibambeki.
Likuchithile ukuthi laba bashaywa ukuze babhale izitatimende ngecala.
Lithe amaphoyisa awenza ngendlela umsebenzi wawo.
Umndeni wakwaNdebele ubukhona enkantolo kodwa uhlulekile ukukhuluma nabezindaba. Unkosikazi uvele wakhihla isililo, waze wasizwa abazalwane ebebemngungile.
“Sijabule ukuthi balahlwe ngecala kodwa noma bangagwetshwa isikhathi eside, noma bangaphuma kusasa ngeke kwenze umehluko ngoba sebambulala umufi. Kusenzima namanje kodwa ke siyawubonga umthetho ngokwenza umsebenzi wawo,” kusho ilungu lomndeni elingathandanga negama lalo. Ngaphandle kwenkantolo bekukhona ingcosana yamalungu omphakathi abebhikisha, efuna bagwetshwe udilikajele ababulali.
UBhani uvele udonsa isigwebo ngokubulala uMnuz Sipho Ndovela owayehlala ehostela eGlebelands.