LIZISHONELE izinkabi ezintathu zishaqwa amaphoyisa ngoMsombuluko ngecala lokubulala owesilisa waseCinci KwaMbonambi okuthiwa balenze ngoLwesihlanu olwedlule.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe abasolwa babanjwe eMlaza, eThekwini naseHighflats eXobho.
Lezi zinkabi zisolwa ngecala lokuthumba, elokubulala, elokuzama ukubulala, elokutholwa nezibhamu ezingekho emthethweni nelezinhlamvu.
Elandisa ngesigameko uNetshiunda, uthe ezintatha zangoLwesihlanu abasolwa ababili bagasela emzini wabagilwa, bezenza amaphoyisa.
“Bafuna ngodli isibhamu nemali kubaba wekhaya, bamphoqa ukuthi ahambe nabo. Kubikwa ukuthi abasolwa bamdubula bambulala maqede bamlahla esikhotheni,” kusho uNetshinda.
Uqhube wathi baphinde babuyela emuva kunkosikazi kamufi, naye bamthatha bahamba naye.
“Yena watholwa elahlwe endaweni yaseMposa, enenxeba lokudutshulwa ebusweni. Waphuthunyiswa emtholampilo oseduze,” kusho uNetshiunda.
Udalule ukuthi abasolwa batholwe nezibhamu ezintathu nezinhlamvu. Uveze nokuthi nemoto ababebaleke ngayo nayo itholwe kubona.
Umthombo ocele ukuthi igama lawo lingadalulwa, uthe umufi ubengumuntu obesezihlalela ekhaya njengoba esenesikhashana athatha umhlalaphansi.
Uqhube wathi unkosikazi kamufi yena ungunogada emtholampilo.
“Kuthiwa ngesikhathi befuna isibhamu kumufi kuvele ukuthi ilayisensi yaso ibisidlulelwe yisikhathi. Bathe ngoba ayivuselelwe, bayambopha kwaba ukuhamba kwabo naye,” kusho umthombo.
Kuthintwa ilungu lomndeni, lithe ngeke likwazi ukuphawula ngoba amaphoyisa abadonse ngendlebe athi abangakhulumi ngesigameko.
Libuye lathi okunye okwenza bangafuni ukuphawula ukuthi basenovalo emva kwesigameko, bazizwa bengaphephile.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukushayele ihlombe ukuzikhandla kwamaphoyisa asaqhubeka nokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka.
“Ngeke sivume ukuphathwa yizigebengu. Ngeke sikwazi ukuba nemiphakathi ehlalela ovalweni ngenxa yabantu abazishaya isifuba ngokuba obhongoza bobugebengu,” kusho uMkhwanazi.