KUSHAQE uMengameli Cyril Ramaphosa ukushona kukazakwabo waseNamibia, athi ukhulume naye ocingweni ezinsukwini ezintathu ezedlule wathi usengcono.
Ushone ngeSonto entathakusa uDkt Hage G Geingob (82) okuthiwa uthathwe yisifo umdlavuza.
Izindaba zokushona kukaGeingob eLady Pohamba Hospital, eWindhoek zidalulwe yiphini lakhe izolo ekuseni, uDkt Nangolo Mbumba.
UMbumba okunguye obambe isikhundla sikaGeingob, uthe umufi ushone phambi kwethimba labelaphi bakhe, umkakhe uNkk Monica Geingob nabantwana babo.
Kubikwa ukuthi umufi ubekade esanda kubuya eMelika lapho kade elashwa khona njengoba esedlula emhlabeni.
URamaphosa uthe bebengabangani abakhulu nomufi futhi kuyamumanga ukushona kwakhe.
“Ubengumngani wami futhi sixoxile ocingweni, wangitshela ukuthi usezizwa kangcono, uyelulama. Ngakho ukushona kwakhe kungimangazile futhi kwangethusa. Ngibuye ngakhuluma nomkamufi,” kusho uRamaphosa.
Udlulise amazwi enduduzo ewabhekise kubantu baseNamibia ngokushona kukamengameli wabo, athe ubeqinile enesibindi futhi eyisithwalandwe.
UMbumba uthe bafe olwembiza ngokushona kukaGeingob, amchaze ngokuthi ubenamava okuhola abantu asezingeni elicokeme, isishoshovu esalwela inkululeko yezwe, insika yezwe eyabamba elikhulu iqhaza ekulotshweni komthethosisekelo wezwe.
Uqhube wathi ikhabhinethi yakhona izohlangana ngokushesha ukuze kwenziwe amalungiselo ngokumele kwenzeke.
Umufi ube ngumengameli emuva kokhetho ngo-2014, kwathi ngo-2019 waphinde wadla umhlanganiso okhethweni waphatha ihlandla lesibili.
Ngenyanga edlule utshele izwe lakhe ukuthi welashelwa isifu umdlavuza. Ingena ilekanyana imiyalezo yamazwi enduduzo ngokudlula kukaGeingob.
UMengameli waseKenya uDkt William Ruto uchaze umufi ngokuthi ubengumholi obenamava futhi ohole abantu baseNamibia ngempumelelo kwaze kwasekugcineni.
Kwenzeka lokhu nje, iNamibia izoba nokhetho lokuqoka umengameli wezwe namalungu ePhalamende ngasekupheleni kwalo nyaka.