IZIKHULU zamatekisi ahamba amabanga amade iDurban Long Distance Taxi Association, zithi kusezandleni zikaMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu uMnuz Siboniso Duma, ukuthi babuyele emsebenzini ngoba izimvume bayile ukuyozilanda ebhodini kepha abazitholanga.
NgoLwesithathu osomatekisi obese kuwusuku lwesithathu bepake amatekisi, bengalayishi, ekuseni bapake amatekisi emgwaqweni uMngeni, kwadaleka isiminyaminya.
Erenki yaseDurban Station, lapho abajwayele ukupaka khona babhekane ngeziqu zamehlo namaphoyisa kodwa kwabuye kwadlula.
Osomatekisi bakhala ngokuboshwa wuphiko lwezokuthutha uShanela, ngoba bengenazo izimvume.
USihlalo weDurban Long Distance Taxi Association, uMnuz Bhekisisa Nzuza, uthe umphathiswa ubekhuluma ihaba uma ethi izimvume zikhona.
"Azikho, azikho izimvume asizitholanga. Umphathiswa utshele izwe izolo (ngoLwesibili) ukuthi izimvume zikhona, sathi uma sifika ebhodini siyozilanda, bathi azikho. Umphathiswa utshele izwe into engekho. Siyazibuza ukuthi yini ndaba ekhulume into eyihlazo kangaka," kusho uNzuza.
Uthe konke kusezandleni zikamphathiswa ukuthi bayabuyela emsebenzini noma bangabuyeli.
"Lento isisezandleni zakhe ngoba thina sifuna izimvume, abasiniki, basikhombe ebhodini bethi asiyozilanda, sifike zingekho. Izimoto zimile azilayishi," usho kanje.
Isitatimende esikhishwe yihhovisi likaDuma, sithe bajabule ukuthi ekugcineni izikhulu zamatekisi beziyolanda izimvume.
"Kumele beveze amaphepha asemthethweni okungakapheli izinyanga ezintathu esethifayiwe. Lezo zincwadi eze-PRDP yomshayeli wetekisi, iCOR yemoto, ilogbook kanye nesitembu saserenki semvume esiqhamuka kuMasipala weTheku," sisho kanje isitatimende.
Sithe emhlanganweni ababenawo nabamatekisi ngoSepthemba okwakukhona kuwo noMkhuzi wamaphoyisa uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi kwavunyelwana ukuthi izimvume bazozilanda.
"Kwakunezimvume ezingu-115 ngalesiya sikhathi. Ezingu-84 zase zizophelelwa yisikhathi emva kwezinsuku ezingu-60, eziyisishiyagalolunye zase zivele ziphelelwe yisikhathi kwathi ezingu-170 zase zikhishiwe.
"Sizibophezele ukugcina uzinzo embonini yamatekisi ngoba kubalulekile ekuqiniseni ukuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natal. Sizokwenza konke okusemandleni ukuvikela osomatekisi abasebenza ngobuqotho embonini futhi abalandela umthetho," sisho kanje.
Siqhube sathi uphiko oluqaphe ukusebenza kwamatekisi uShanela, luzoqhubeka nokuvikela abagibeli futhi luqinisekise ukuthi abagibeli basebenziza amatekisi akulungele ukuba semgwaqweni futhi anamaphepha asemthethweni.
Okhulumela amaphoyisa eTheku, uColonel Boyzie Zungu, uthe isimo basiqaphile.
"Isimo sisibhekile ngoba baqale bavala umgwaqo uM4 no-Victoria Embarkment eThekwini, kodwa manje (esho izolo) sekuvulekile. Amaphoyisa asiqaphile isimo yonke indawo. Impi ayibhekene nathi njengoMasipala waseThekwini kanye namaphoyisa akwaMetro, kodwa banenkinga noMnyango wezokuThutha," kuchaza uColonel Zungu.
Uphinde waqinisekisa ukuthi abekho ababoshiwe.