UKUBANJWA inkunzi kwezimoto ezithwala imali kuyaqhubeka nokuba yiva elingabanguleki ezweni.
Lokhu kushiwo yiNhloko yoKlebe u-Lt General Gofrey Lebeya, esithangamini nabezindaba ePitoli ngoLwesihlanu, nobekuhloswe ngaso ukwenekela umphakathi igxathu eselihanjwe yilolu phiko ukulwa nobugebengu ekoteni yokugcina yonyaka wezimali u-2023/2024.
“Lolu phiko ngokubambisana nezinkampani ezizimele, luyaqhubeka nokuqinisa izinhlelo ukulwa nalesi sihlava. Imigulukudu ebamba inkunzi izimoto ezithwala imali, ingabantu abanesihluku abangenandaba nempilo yomunye umuntu.,” usho kanje.
Uthe kule kota nje kuphela angu-51 amacala okubanjwa kwenkunzi kwezimoto ezithwala imali kanti bangu-20 ababoshiwe, babe ngu-15 abagwetshelwe amacala afanayo.
ULebeya uthe lolu phiko uthe selubophe abantu abangu-547 ngamacala ehlukene kule kota, okukhona kuwo awenkohlakalo, athinta ukukhwabaniswa kwezimali, nawokuhwebelana ngemali ngendlela engekho emthethweni, awokubulawa kwamaphoyisa, ukumbiwa kwezimayini ngokungekho emthethweni nokubanjwa kwenkunzi izimoto ezithwala imali.
Amaphesenti angu- 80 ababoshiwe abakuleli bese kuthi angu- 20, ngabokufika kuleli. Isifundazwe esizihola phambili ngababoshwe yilolu phiko, yi- Gauteng.
Zingu-736 izibhamu ezitholwe kubasolwa nezinhlamvu ezingu-1159.
Angu-22 amaphoyisa abulewe kule kota, angu-17 kuwona abulawe engekho emsebenzini.
Kuqoqwe izidakamizwa ezingabiza imali eyevile ku- 47 million kwaboshwa abasolwa abangu-68 kanti abangu-42 kubona abakuleli bese kuthi abanye abokufika.