EKUQALENI kwalo nyaka iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape yakhipha isinqumo sokuthi akulona icala ukuzisebenzisela ekhaya umthunzi wezinkukhu. Nakuba kunjalo, uMbuso wasiphonsela inselelo lesi sinqumo, wasidlulisela phambili.
INkantolo yoMthethosisekelo nayo yaphinde yakugcizelela ukuthi ukuzisebenzisela insangu uma uzitshalela yona ekhaya, uphinde uyibhemele khona, akulona icala.
Nakuba kunjalo kusekhona ukudideka ngokuthi kumele umuntu abekwe yini icala uma etholakale ephethe umthamo ongakanani wensangu, nokuthi izothini imithetho ekugcineni elawula ukusetshenziswa kwayo.
Muva nje inkampani yabameli iFaure and Faure Inc esePaarl eWestern Cape, ibuze ukuthi kuzokwenziwa njani ngababoshelwa ukutholakala nensangu.
Omunye wabameli bale nkampani uNksz Inge Johnson, uthe abantu abaningi bakuleli babhekene nenselelo ngokubekwa amacala emva kokuthi betholakale bephethe insangu. Uthe abanye babo abakwazi ukuthola umsebenzi phesheya, futhi bayenqatshelwa ukuthi bathathe amalayisense okushayela amabhanoyi.
Wengeze ngokuthi uma kungukuthi umuntu otholakale enerekhodi lokuthi unecala lokutholakala nensangu alenza eminyakeni engu-10 edlule, futhi kube ngukuthi akanawo amanye amacala, nokuthi wayengakaze asidonse isigwebo ngalokho, angafaka isicelo kuMqondisi jikelele wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
Leso sicelo kumele sihambisane nesitifiketi esivela emaphoyiseni esikhombisa ukuthi lelo cala lenzeka eminyakeni engu-10 edlule.
Uma isicelo salowo muntu siphumelela, uthe kuzokhishwa isitifiketi esiqinisekisa lokho.
“Inkinga ibhekana nalabo abanamacala angakedluli eminyakeni engu-10 enzeka,” usho njalo.
Nakuba kunjalo ubuze ukuthi kungani kuzomele ukuthi umuntu osemncane anqatshelwe amathuba namalungelo ngenxa nje yokuthi icala alenza akukapheli iminyaka ethile alenza.
Ngokujwayelekile uthe ukusulwa kwecala kwenziwa ekomkhulu leCriminal Record Centre yeSouth African Police Services.
Kanjalo uma icala lingazange liphumelele, uthe umuntu uyaziswa ngalokho anikwe nezizathu.
Ongumqondisi kule nkampani uMnuz Lloyd Fortuin uthe bazoxhumana nomqondisi jikelele wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo ukuze bathole incazelo egcwele ngalokhu.
“Ukuze kugcine kwamukelwe ngokusemthethweni ukusetshenziswa kwensangu, kusazothatha isikhathi eside. Kodwa sinethemba lokuthi ekugcineni kukhona okuhle okuzokwenzeka,” kugcizela uFortuin.