KUSAZOBA nzima kubantu baseNingizimu Afrika njengoba iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb) linyuse imali mboleko ngo-50 basis points yaya ku-7.75%.
Izolo umphathi weSarb, uMnuz Lesetja Kganyago, uthe amalungu amathathu avotele ukuthi imali mboleko inyuke ngo-50 basis points kwathi amabili avotela ukuthi inyuke ngo-25 basis points.
Utshele abantu bakuleli ukuthi akukho abangakwenza beyiBhange loMbuso ngaphandle kokunyusa imali mboleko uma amandla emali engaphezulu kuka-3 no-6% abafuna ahlale kuwona.
Uthe ukubiza kukaphethroli, ukudla, inkinga yokunqamuka kukagesi ngezinye zezinto ezibe nomthelela wokunyuswa kwemali mboleko.
Wehlise izihlathi kubantu bakuleli ngokuthi bangalindeli ukuthi yehle kulo nyaka imali mboleko ngoba abakuboni kwenzeka lokho.
USolwazi Bonke Dumisa ongungoti wezomnotho nezomthetho, nguye obeqagele ukuthi iSarb izonyusa imali mboleko ngo-50 basis points ngesikhathi abanye ozakwabo bethi izonyuka ngo-25 basis points.
“IBhange loMbuso lilawula amandla emali. Kuyishwa nokho ngoba izinqumo elizithathayo zishaya kakhulu abadla imbuya ngothi noma labo abangezona izigwili. Ukunyuka kwemali mboleko kusho ukunyuka kwenzalo ezikweletini zabantu,” kusho uDumisa.
Uthe ngeke esasho ukuthi abantu ababophe izifociya kodwa ucele ukuthi babhekane nalesi simo ngoba ngeke siphele maduze isazonyuswa imali mboleko.
“Ziyadliwa izimoto zabantu, abanye bahlela kabusha indlela abakhokhela ngayo izikweletu. Kufanele sizame ukuphila nalesi simo ngoba ngeke sishintshe kulo nyaka. Yize iBhange loMbuso liye lithi linyusa imali mboleko ukuvikela abampofu kodwa lokhu kufana nokubacindezela kakhulu. Kusazoba nzima kodwa akukho esingakwenza,” kusho uDumisa.
Ucele abasindwa yizikweletu ukuthi basheshe benze izinhlelo nababakweletayo ukuze impahla yabo ingadliwa.