LIDUME ladlula kulabo abebelinde ngabomvu imiphumela yabo ka-matric yango-2024.
Abanye bajabulile ngokwenza kahle, abanye bayakhala bafisa engabe benze kahle kanti abanye bakhale ngaphansi.
Abangaphumelelanga lisekhona elinye ithuba lokuthi baphinde babhale izivivinyo zokuchibiyela ngoJuni, nonyaka.
Abaya ezikhungweni zemfundo ephakeme, abayoqala uhambo olusha, siyabahalalisela, sithi abazibambe ziqine ngoba ezikhungweni zemfundo ephakeme lizogaya ngomunye umhlathi njengoba bezobe bengaluswa othisha, kodwa izinto eziningi bazobe bezenzela.
Sihalalisela isifundazwe iKwaZulu-Natal ngokwenza kahle emiphumeleni yaleli banga, siphinde silala endaweni yesibili sishaya ezinye izifundazwe.
Le miphumela ikhomba khona ukuthi othisha basebenze kanzima, befundisa ngamaholidi nangezimpelasonto ukucija abenza u-matric.
Minyaka yonke le miphumela iyanyuka okuyizinkomba zokuthi ukuvuthwa kohlelo lokufunda nokufundisa, yikhona okwenza kube nozinzo kwezemfundo.
Uma uhlelo lokufunda sekuneminyaka lukhona, kuba lula ngoba kusuke kwaziwa okulindelekile.
Le miphumela yesifundazwe engu-89.5%, iqhamuka nje kunezinselelo ezibhekene nomnyango ezithinta imali.
Umnyango uyahluleka ukufaka ngesikhathi imali yezikole, eyaziwa ngama-norms and standards. Uhluleka nokukhokhela ngesikhathi abenza imisebenzi nalo mnyango.
Phezu kwalezi zinkinga kodwa ukuzinikela kothisha bafundise noma insimbi ishisa, kwenze lesi sifundazwe saba nemiphumela emihle.
Asigcinanga nje ngokukhiqiza imiphumela emihle kodwa kwande nesibalo sabafundi abaphase ngama-Bachelor, okusho ukuthi bazokwazi ukuya emanyuvesi.
Lesi sifundazwe sizishaye zonke ngabafundi abaningi abaphase ngamalengiso.
Okujabulise kakhulu ngukuthi isifunda uMkhanyakude osemakhaya, yisona esenze kahle sizishaya zonke ezinye ezisemadolobheni. Ngisho kuzwelonke lesi sifunda sihlonishwe ngemiphumela emihle, okusho khona ukuthi noma usemakhaya kodwa ungakwazi ukudlubulundela uphumelele.