KUBE yisimo esingajwayelekile ngesikhathi isisebenzi sasesontweni sithola izidumbu ezintathu zabefundisi zidindilizile.
Umbiko othunyelwe abeNPA uveza ukuthi ngomhlaka 12 kwephezulu isisebenzi saseCaptic Orthodox Church sibingelelwe yigazi nezidumbu sifika kule ndawo.
Ngesikhathi kuphenywa isimo sale ndawo, kutholakale ukuthi abefundisi abathathu okunguTakla Elsmwaeili Ayoub Attia Mossoud Mouss, Marcos Shawkat Nasry Morid Wanas Mina noMarcos Mofed Tawfek Isaac Youstos bagwazwe bafa.
Kuthiwa bonke abasolwa nabagilwa bebehlala kulo leli sonto.
“Isisebenzi sifike sazithela kulezi zidumbu sase sibikela umdikoni webandla okunguyena oshayele amaphoyisa. Amaphoyisa apheke ngemibuzo abasolwa ababili uSaeed Basonda (37) oyiMonk nomfundisi uSamuel Avamarkos (47) abagcine bekhalelwa ngamasongo kasiGonyela,” kusho uLumka Mahanjana okhulumela iNPA eGauteng.
Laba basolwa bavele phambi kweMantshi yaseCullinan ngamacala amathathu okubulala. Icala labo lihlehliselwe umhlaka 28 kwephezulu lapho okulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili.