BASALE bebambe ongezansi abantu baseMazimazana, eNseleni, ngaseMpangeni, ngoLwesibili, kulandela isigameko abasifanise nensumansumane, kulala izidumbu ezintathu, iphoyisa kade leshela intombi.
Kulesi sigameko kufe iphoyisa (30) okuthiwa belingekho emsebenzini, umalume (27) wentombi ebishelwa nogogo (55) wayo.
Lilandisa Isolezwe ikhansela lendawo, uMnuz Msawakhe Mthethwa, lithe ngesikhathi lifika endaweni yesigameko lizithele phezu kwesidumbu sikaWele Mthombeni, watshelwa ukuthi unina, uNkk Mthombeni nephoyisa sebephuthunyiswe emtholampilo wendawo. Kuthiwa laba ababili, bathulele khona emtholampilo.
“Kuthiwa iphoyisa elinezihlobo eNseleni, belihamba ngemoto kule ndawo, lahlangana nentombi. Libe seliyibingelela, liyishela. Kuvela ukuthi lokhu kuthathe igxathu elibi ngesikhathi intombi ikhombisa ukungabi nandaba nobekushiwo yiphoyisa, yilapho-ke eligcine selithuka khona lona wesifazane,” kusho uMthethwa.
Uthe bathole ukuthi lona wesifazane ubuyisele ngamagama ayiziswana ephoyiseni, nokuholele ekutheni iphoyisa ligcine selimshaya.
Kuvela ukuthi usho ngengila lona wesifazane, kwagcina kuphuma umalume wakhe ezobheka ukuthi udliwa yini.
“Libona kuza umalume wentombi, iphoyisa linikele emotweni, lathatha isibhamu, lasabisa lona wesilisa. Kuthiwa naye ukhiphe ummese ezama ukulisabisa kodwa lavele lamdubula, wathulela lapho,” kubeka uMthethwa.
Eqhuba, uthe kube sekuphuma ugogo wentombi, naye ezobheka ukuthi kwenzekani njengoba besekuqhuma inganono.
“Ufice ukuthi indodana yakhe isidutshuliwe, wabuyela endlini eyolanda esakhe isibhamu. Uthe uma ebuya naso, laphinde lahlasela ngenhlamvu libhekise kuye iphoyisa, naye wabuyisela ngayo, balimala kanzima bobabili,” kuqhuba yena uMthethwa.
Uthe yilapho abaphuthunyiswe khona emtholampilo wendawo kodwa bafike bashona bekhona.
Isolezwe lithole ukuthi umkhulu wentombi ungusomatekisi kodwa ubesaphumile ekhaya eyobheka umsebenzi ngesikhathi kusala kwenzeka umshophi.
UMthethwa uthe namanje abantu basababaza ngendlela iphoyisa eliziphathe ngayo.
Uthe bamangazwa wukuthi into encane njengokushela igcine ikhipha izidumbu ezintathu.
“Inganekwane le eyenzeke kule ndawo. Bekumele athi uma ezwa ukuthi ukhushukelwa wumoya ngokuphambana kwenkulumo yakhe nentombi, ashaye imoto yakhe ahambe,” kusho uMthethwa.
Uthe okubakhathaza kakhulu wukuthi lokhu kwenziwe umuntu osebenza ngomthetho.
“Uye okuqonda kangcono ukuthi udlame alufuneki. Ukuba yisizathu sokufa kwabantu, yinto ebesingayilindele kumuntu womthetho,” kusho uMthethwa, othe okwenza ingakhulumeki ukuthi lokhu kwenzeke ngesikhathi izwe linomkhankaso wokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili.
Uveze kuthi kusekubi emndenini wakwaMthombeni kulandela isigameko, wathi ngesikhathi ephinda eyobabheka izolo, uthole ukuthi intombi isakuthola kunzima ukukhuluma njengoba ivele isikhihle esikaNandi uma iqala ithi uyakhuluma ngesigameko.
Imizamo yokuzwa ukuphawula komndeni wakwaMthombeni ayiphumelela, indodana yakhona uMnuz Bafana Mthombeni, icele ukuthi ithintwe ngezikhathi zantambama kodwa kuthe uma isithintwa, ucingo ibingasalubambi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMpangeni, aphenya amacala amathathu okubulala kulandela isigameko sokudubulana esenzeke eNseleni ngoLwesibili.
UNetshiunda ukuqinsekisile ukuthi isigameko sibandakanya iphoyisa ebelisebenza esiteshini samaphoyisa eSikhaleni kodwa ebelingekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka isigameko.
“Kushone iphoyisa ebelingu-constable nabanye abantu ababili. Imbangela yengxabano eholele ekudutshulwaneni isazophenywa,” kusho uNetshiunda.