KUSHONE owesifazane nendodakazi yakhe ngesikhathi kungqongqa imijondolo eseClare Estate, eThekwini ekuseni ngoMgqibelo.
Kubikwa ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, bekuhambe ugesi ngabo-12 ebusuku obuye ngabo-3 ezintathakusa.
Umlilo uqale ukubonakala emjondolo wowesifazane okuthiwa ubelele nendodakazi yakhe.
Kubikwa ukuthi lona wesifazane ubephuza nabanye omakhelwane bakhe ngaphambi kokuthi ayolala nendodakazi yakhe.
Akucaci ukuthi yini edale lo mlilo endlini yakhe.
UMnuz Thamisanqa Dlamini ongomunye wabantu abakhelene nale mijondolo eshiswe wumlilo, uthe ube ngomunye wabaphuthume endaweni yesigameko ngesikhathi kuvutha ilangabi alibone ngabo-4 ekuseni.
“Indlela ebelivutha ngayo ilangabi lomlilo kuze kwasiza ukufika kwabezicishamlilo abakwazile ukuwubhula. Yize ngingenalo ulwazi lwesibalo semijondolo eshile kodwa khona ubukeka umkhulu umonakalo,” kusho uDlamini.
Eqhuba, uthe isimo simuncu futhi izakhamizi zisathukile kakhulu.
Ikhansela le-IFP, uMnuz Ntshangase (elingatholakalanga igama lakhe), likuqinisekisile ukushona kowesifazane nendodakazi yakhe.
“Bengikhona kutakulwa umama nengane yakhe kodwa angikwazanga ukuthola amagama neminyaka yabo,” kusho ikhansela.
Okhulumela abezicishamlilo, uMnuz Zibuse Ngcece, uthe yize ebengeyona ingxenye yethimba ebelisesigamekweni, ithimba ebelijutshwe kuso (isigameko) lifice izidumbu ezimbili, esowesifazane nendodakazi yakhe.