ZIZOJIKA izinto ebuholini be-ANC KwaZulu-Natal, naseGauteng, njengoba i-ANC ithathe isinqumo sokuthi ibunyakazise ubuholi isebenzisa umthethosisekelo wenhlangano.
Lesi sinqumo simenyezelwe nguNobhala Jikelele kaKhongolose, uMnuz Fikile Mbalula ngoMsombuluko, esithangamini nabezindaba eGoli.
Uthe besingelula isinqumo abasithathile ngoba bekunokwehlukana kwemibono emhlanganweni wesigungu esiphezulu senhlangano ngempelasonto.
“Sizobunyakazisa nakanjani ubuholi balezi zifundazwe zombili esishawe sancama kuzona okhethweni lukazwelonke nyakenye. Njengoba sinyakazisa ubuholi be-ANC kodwa ubuholi obuthinta uhulumeni asizobuthinta,” kuchaza uMbalula.
Uthe inhloso yokunyakazisa ubuholi ukufaka isandla, baqinise ubuholi kulezi zifundazwe.
“Singenelela ukulungisa isimo esibhekene nalezi zifundazwe. Sizozinza kulezi zifundazwe kuye ngokuthi ungakanani umsebenzi okumele wenziwe kuzona,” kusho uMbalula.
Uthe emhlanganweni wesigungu esiphezulu amalungu abuzile ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukungenelela okuzobakhona.
Isimo besilokhu silutsheku ebuholini bezifundazwe selokhu bashaya udaka okhethweni.
UMbalula uthe abazi noma kukhona yini abazoya enkantolo ngoba bengeneme ngalesi sinyathelo sesigungu esiphezulu senhlangano esinamandla.