KUPHELA ukuqagela ngemiphumela ka-matric ka-2020 ezomenyezelwa uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga namhlanje ngo-4 ntambama.
Abebefunda umatric bagqugquzelwa ukuthi balandele imigomo yomvalelandlini uma sebelanda izitatimende zemiphumela yabo ezikoleni abebefunda kuzona ngoLwesibili.
Bacelwe ukuthi bangayi ekuseni kakhulu ezikoleni ukuze bagweme isiminyaminya futhi kumele bafake izifonyo, bagcobe izandla ngesibulali-magciwane baqhelelane ngebanga.
UMnuz Elijah Mhlanga okhulumela umnyango, ekhuluma kwi-eNCA izolo ekuseni, ugqugquzele labafundi ukuthi baqale babheke imiphumela yabo kwi-website yomnyango noma emafonini ngaphambi kokuyoyilanda esikoleni.
“Sicela bangayi ekuseni kakhulu ukuze kugwemeke isiminyaminya. Balandele imigomo yomvalelandlini. Bazobe bekhona ezikoleni abantu abazobasiza bebalindele bezobanika izitatimende zabo,” kusho uMhlanga.
Uthe mukhulu umonakalo odalwe ukubheduka kweCovid-19 kwezemfundo.
Uqhube wathi baningi abafundi abashiye phansi isikole okudalwe uvalo nokukhathazeka okulethwe ukubheduka kwaleli gciwane.
“Sicela abafundi abashiye phansi isikole babuyele bayofunda. Nalabo abangabhalanga izivivinyo zabo likhona ithuba lesibili lokubhala ngoMeyi nangoJuni noma bavele babuyele esikoleni bayofunda,” kusho uMhlanga.
Uthe ingakho umnyango ubuhlezi ugqugquzela ukuthi abafundi abeze esikoleni ngoba ubugwema ukuthi kungabikhona abashiyayo.
Uhlelo lokubhalisela ukubhala izivivinyo zokuchibiyela u-matric luvulwe ngoNovemba 3 nyakenye luvalwa ngoMashi 31 nonyaka. Kubhaliswa emahhovisi omnyango wezemfundo esifundazweni, awesifunda noma kwisekethi. Bayalelwa nokuthi bangene kwi-website yomnyango ngeminye imininingwane.
Nabafuna ukumakelwa kabusha noma bahlole amaphepha abebewabhala kumele bangene ku:www.education.gov.za/NSCeRemark.aspx.
Umhlaziyi wezemfundo ozimele, uMnuz Khaya Sithole uthe lizokwehla izinga lokuphasa ku-matric ka-2020.
Uthe lokhu kudalwe yizingqinamba ezilethwe ukubheduka kweCovid-19 okushintshe uhlelo lokufunda nokufundisa.
USithole uthe isibalo sizokwehliswa nawukuthi babhale kanyekanye abafundi baka-matric abaya esikoleni ngokugcwele nalabo abebebhala izifundo zabo bechibiyela.
Lwahoxiswa uhlelo lokubhala kwalaba bafundi ngoJuni nyakenye base bebhala bonke ngoNovemba.
UNobhala wenyunyana yothisha, iNational Teachers’ Union (Natu), uNksz Cynthia Barnes uthe babheke ukuthi ibe mihle imiphumela ka-matric yize bekunezinselelo ezidalwe iCovid-19.
Uncome ukubambisana kothisha nabafundi ngesikhathi esinzima esilethwe umvalelandlini.