KUPHAKAME umoya emindenini yabadukile kanjalo namalungu omphakathi eCato Crest, eThekwini kuhamba amahora abatakuli bengawuqali umsebenzi wokucinga abadukile izolo.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo lithole ukuthi sekuhambe amahora amathimba befikile endaweni kodwa bengawuqali umsebenzi.
Umphathi ukhale ngokuthi awaqondi ukuthi kungani besonge izandla bengazicingi izihlobo ezidukile.
Isolezwe lithole ukuthi abatakuli bebelinde ukuthi kucishwe ugesi endaweni ngaphambi kokuba angene emfuleni uMsimbane acinge abadukile.
Kuvele ukuthi asaba ingozi engaba khona emanzini njengoba kunezintambo zikagesi ezihamba phakathi emfuleni ezixhunywe ngokungemthetho.
Nokho umphakathi ukuhlabe inhlali lokhu, uveza ukuthi nangoLwesithathu uze wazingenela emanzini wazicingela, amathimba ekhala ngokufanayo.
Isolezwe liphinde laya kwaTransnet eBluff lapho obese kutholwe khona izidumbu zababili, oyedwa wabo kuvele ukuthi wumfana olinganiselwa eminyakeni engu-12.
Umndeni wakwaMbhele oShabeni ePort Shepstone, odukelwe amalungu amabili, okunguNksz Nomfundo Mbhele (27) noSisanda Mbhele (14) nawo unikele khona kwaTransnet uyobheka ukuthi akuwona yini amalungu ondeni wawo.
Nokho Isolezwe lihambe usaveze ukuthi isidumbu solinganiselwa ku-12, akusona esikaSisanda. Ubusalinde abatakuli ukuthi balethe esesibili isidumbu, ubheke ukuthi akusona yini esawo.
UNkk Bafunani Mbhele (58) uthe basuke phansi ukuyobheka abathandiweyo babo.
“Sesikhalela ukuthola ithambo labo, sibafihle ngesizotha. Kubuhlungu ukulahlekelwa abantu ababili kanye kanye. Sikhala ngokuthi uhulumeni kufanele engabe ukhipha izindlu, ezindaweni eziphephile. Lokho kungasiza ekutheni kunciphe izigameko ezifana nalezi. Babesibhalisile ukuthi sizothola izindlu, kuphinde kuhambe iminyaka singahlomuli. Namuhla silahlekelwa amalungu omndeni,” kusho uNkk Mbhele.
NgoLwesithathu zintathu izidumbu ezitholakele kule ndawo. Umphakathi uthe unovalo lokuthi kungenzeka ukuthi sikhulu isibalo sabamukile kunalesi esisashiwo okwamanje, njengoba kuthiwa bayisithupha okungenzeka ukuthi baminza.
Enza isibonelo omunye ohlala kulendawo, uNksz Zikhona Nkanyana uthe: “Kukhona owesifazane obengumakhelwane wami okungacaci ukuthi ukuphi. Izolo (esho ngoLwesithathu ) besizitshela ukuthi uvakashele isoka lakhe, kodwa manje esikutholayo ukuthi isoka lakhe lithi akekho kulona. Uma kubhekwa emsebenzini wakhe, nabo bathi bamgcina ngoLwesibili ephuma emsebenzini. Kungenzeka ukuthi ungomunye wabahambe namanzi ngoba neselula yakhe ivalekile,”
Ikhansela lendawo, uMnuz Dlamini uthe abajabule neze abantu bakithi ngendlela okwenzeka ngayo.
“Amathimba abatakuli abekhala ngokuthi afuna kucishwe ugesi kuqala ngoba kunogesi onqamula phakathi emfuleni. Lokho akwehlanga kahle kubantu. Sigcine sivumelana nomasipala ukuthi kusasa ekuseni (esho namuhla) ucishwe ugesi endaweni ekuseni. Ukuze kuqale kahle ukucingwa kwabadukile,” kusho uDlamini.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Siboniso Mngadi uthe angeke bakwazi ukuqinisekisa isibalo sabatholakele.